AMALUNGU omphakathi aseMatikwe, eNanda, ngaphandle kwaseThekwini ngeSonto avuke umbhejazane ashisa amathayi, ajikijela ngamatshe umuzi ekhala ngamalungu omndeni okuthiwa adedelwe ngebheyili ecaleni lokubulala umakhelwane.
Kuthiwa amaphoyisa aze asebenzisa izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku sabantu abebebhikisha.
Isolezwe lithole ukuthi ngoDisemba 25 kwashona uMnuz Khethani Mtshali.
Isidumbu sakhe kuthiwa satholwa endaweni.
Kwaba nophenyo kwathinteka amalungu alo mndeni ongumakhelwane abebhikishelwa.
Aboshwa, adedelwa ngebheyili okwenze umphakathi wacasuka.
Okhulumela umphakathi ocele ukungadalulwa, uthe bafuna lo mndeni udingiswe endaweni ngoba awukwazi ukuhlalisana ngokuthula nomphakathi.
“Lo mndeni usolwa ngokubulala nje, bewuvele ufike kule ndawo ngokuzobhaca ngoba wasuka naseMandeni la ovela khona, ubaleka. Ngakho nathi asikwazi ukuqhubeka sihlale nabantu abanjena,” kubeka ilungu lomphakathi.
Liveze ukuthi lo mndeni uzenza obhongoza kule ndawo ngoba unemali. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kube nombhikisho.
“Kuvulwe icala lokuba nodlame emphakathini kulandela ukuthi abantu baye emzini othize eMatikwe bafike bajikijela amatshe, kwafa amawindi kulo muzi,” kusho uColonel Mbele.