MBALI KHANYILE
INYUNYANA yamaphoyisa nojele igxeka uMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo, ngokushaya indiva inkinga yabasebenzi balo mnyango abalala neziboshwa.
Ukungagculiseki kwale nyunyana kulandela isigameko sakamumva sokumiswa kukajele wesilisa eWestville, okuthiwa ubanjwe ezitika ngocansi nesiboshwa sesifazane.
Ujele okubikwa ukuthi umiswe ekuqaleni kwale nyanga, uyaphenywa.
UNobhala wePolice and Prisons Civil Rights Union ( Pop Cru) KwaZulu-Natal, uNksz Nthabeleng Molefe, uthe bayawugxeka umkhuba wokwanda kwezigameko zokuya ocansini phakathi kwabasebenzi bomnyango neziboshwa.
“Lo mkhuba ubeka impilo yojele neziboshwa engcupheni njengoba lezi zigameko zivamise ukusabalala kulo lonke izwe. Umnyango kumele ubheke izinhlelo zokulwa nale nkinga, ukuze ojele neziboshwa baqondisise inhloso yokuhlumuleliswa kwezimilo. Sikholwa wukuthi singalibamba iqhaza ekufundiseni wonke umuntu ngokubaluleka kokuziphatha emajele,” kubeka uNksz Molefe.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo esifundazweni, uMnuz Thulani Mdluli, uthe bamatasa nophenyo mayelana nalesi sigameko.
“Lezi zinsolo zithunaza isithunzi somnyango futhi ngeke siwubekezelele umkhuba wojele abathandana neziboshwa. Uzothathelwa izinyathelo ezinzima ujele uma uphenyo luveza ukuthi uphule imigomo ebekelwe bonke abasebenzi bomnyango,” kubeka uMdluli.
Ngenyanga edlule, Isolezwe libike ngokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana, eyayinojele owayezitika ngocansi nesiboshwa, kwelinye lamahhovisi aseNcome.
Ujele wesifazane ugcine ngokuthi axoshwe nomunye uzakwabo wesifazane, owamdedela ukuthi asebenzise ihhovisi nesiboshwa sesilisa.
Isiboshwa esakhishwa kuleli jele, sayogcinwa kwelinye, kubikwa ukuthi saphucwa amagunya.