THOKOZANI NDLOVU
U CHWEPHESHE owayeqashwe ngabaseBuhleni ebandleni lamaNazaretha ukuthi ahlole isandla soThingo encwadini yefa ukhwele wadilika kowesibili oqashwe yilolu hlangothi ophikisa imiphumela yakhe ngesikhathi ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu eThekwini izolo.
Efakaza, uMnuz Michael John Irving ukuqinisekisile ukuthi yisandla seNkosi Mbusi Vimbeni Shembe (uThingo) owashona ngonyaka odlule esasayina incwadi yefa ekhomba umholi waseThembezinhle ukuthi nguye umholi webandla olandelayo.
U-Irving uthe imiphumela kaColonel Frik Landman ephikisa eyakhe iveza ukuthi yahlolwa bume. Wengeze ngokuthi uLandman wayengazitsheli ukuthi kuzoze kufike kulesi sigaba yingakho akhipha imiphumela engacacile.
“Okokuqala nje awukwazi ukuthi uhlole isandla somuntu usebenzisa ikhophi yencwadi njengoba kwenza uLandman. Kudingeka uthole incwadi eyasayinwa yilowo muntu uqobo lwayo. Mina ngisebenzise izincwadi eziyisithupha ezahlukene ezasayinwa yiNkosi (uThingo) ngiziqhathanisa neyefa okusolakala ukuthi ingumkokotelo. Ngithole ukuthi incwadi yefa ifana ngezinto ezingu-27 nalezi eziyisithupha,” kusho u-Irving.
Uqhube ngokuthi noma kukhona ukungafani ncimishi kwesandla encwadini yefa nebiqhathaniswa nazo kodwa ukuqaphelile ukuthi yingenxa yokuthi ngesikhathi uThingo luyisayina kungenzeka ukuthi kukhona okwaluphazamisa.
Uthe emiphumeleni kaLandman akucaci nokuthi ubehlola isandla encwadini yefa eqhathanisa nasiphi. Uthi kule miphumela kaLandman akukho nokukodwa okuveza ukuthi isandla sihlolwe ngendlela okuhlolwa ngayo izincwadi ngochwepheshe abasemthethweni ngokolwazi analo ngalo msebenzi.
U-Irving uveze ukuthi akalona ivukana kulo msebenzi njengoba ewuqale ngo-1996, wathi maningi amacala asefakaze kuwona ehlola izandla. Uthe kungokokuqala ngaleli cala lakwaShembe ukuthi kungatshazwe umsebenzi wakhe. Kwambalwa amacala awabalile athi useke wafakaza kuwo kukhona ngisho nawaseNamibia naseLesotho. Wathi ngendlela anesipiliyoni ngayo kulo msebenzi useke wahlola ngisho okusayindwe ngolimi olusetshenziswa kakhulu eChina.
Eqhuba uthe akukho nolulodwa uphawu oluveza ukuthi le ncwadi yefa eyasayinwa ngo-Febhuwari 11 ka-2000 ingumkokotelo. Ngokunjalo neyisikhumbuzo sefa eyathunyelwa ehhovisi lommeli uMnuz Zwelabantu Buthelezi ngomhlaka-16 Mashi 2011 yasayinwa wuThingo uqobo nayo.
Ngemuva kwalezi zindaba kube nokushuba komoya ngenxa yokuthi lezi zindaba bezingehli kahle kwamanye amalungu ebandla. Esengaphandle kwenkantolo amalungu ezinhlangothi zombili okungo-lwaseThembezinhle nolwaseBuhleni abesho ukubambana ngezandla esevuselana nezindaba ezindala ake azibanga phambilini.
Leli cala kulindeleke ukuthi liqhubeke ngoMsombuluko njengoba ummeli waseBuhleni u-Advocate Rajesh Choudree ethe usazoxoxa nalolu hlangothi njengoba kukhona izinto ezivelile ecaleni abengazazi.