INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe ingoduso nenkabi, ngecala lokubulawa kwesoka layo elaliyimenenja kwaTelkom, ngo-2017.
UDoreen Hlangu (43) owayeyingoduso kaMnuz Jabulani Hlongwa (53), owathunjwa ekubo eNanda, ngo-Agasti 2017, isidumbu sakhe satholwa emva kwezinsukwana edukile, silahlwe ngaseMlaza, noMnqobi Miya (25) inkabi eyathengwa ukubulala uHlongwa, ngesonto eledlule balahlwe yicala lokuthumba, ukubulala nelokubamba inkunzi. UMiya waphinde walahlwa amabili, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu.
Namuhla le nkantolo ibagwebe udilikajele ngecala lokubulala kuhleliwe, ewu-15 kwelokubamba inkunzi nemihlanu kwelokuthumba. UMiya (inkabi) uphinde wagwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili kwelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, nemine ngokutholakala nezinhlamvu.
Izigwebo zabo bazozidonsa kanye kanye.
Kuthiwa izinkinga phakathi kukaHlongwa owayeyimenenja kwaTelkom nengoduso yakhe zaqala ukugqama ngo-2016, emva kokushona kosana lwabo olwalunezinsuku luzaliwe. Kuthiwa uDoreen waqala wagxeka isoka lakhe elase limlobolile ngokushona kwengane yabo, ayesola ukuthi ithakathwe yizintombi zikamufi. Kuthiwa wamphoqa ukuthi amkhokhele u- R10 000 wokuthi umkhulelisile yize wayesevele emlobolile, kwaba ukuqala kwabo ukungaboni ngaso linye. UMiya, waboshwa kwisivimbamgwaqo eMlaza ngenyanga elandela okwabulawa ngayo umufi, esemotweni okuthiwa ngekamufi, kwatholwa nesibhamu esingekho emthethweni.