UKHUNGATHEKILE umndeni wowayengumsakazi wesiteshi somphakathi, okuthiwa ushone ngemumva kokugwazwa ngabalisa okubikwa ukuthi bebeduna imoto yakhe eSydenham, ngoMsombuluko.
Umufi, uMnuz Kwazi Magubane (36) waseBhamshela, oThongathi, owayengumsakazi weMbokodo FM, kuthiwa ubenabangani bakhe abathathu ngenkathi ehlaselwa ngabalisa abathathu ngezintathakusa, eduze kwendawo yokucima ukoma kule ndawo.
Kubikwa ukuthi umufi ubechama nomngani wakhe, eceleni kwalapho obekupake khona imoto yakhe, emgwaqweni uHowell ngenkathi kufika laba balisa.
Omunye umngani wabo, kubikwa ukuthi ubebalinde emotweni.
Abasolwa abapake imoto yabo eduze kwekaMagubane, kuthiwa baqonde kuyena (umufi) bafuna ukhiye wemoto.
Umufi oqale wagoloza, kubikwa ukuthi kugcine ngokuthi agwazwe entanyeni maqede kwadunwa imoto.
Omunye wabangani bakhe, kuthiwa usinde, abasolwa bethi bamshayisa ngemoto ebidunwa.
Ethintwa umfowabo kamufi, uMnuz Lindani Magubane, uthe kunzima emndenini ngesehlo obhekene naso njengoba umfowabo ebashiye ngokuzuma.
“Sizizwa sinesilonda okusazothatha isikhathi ukuthi siphole. Ubenezingane ezinhlanu kodwa okubuhlungu kakhulu wukuthi ushiye ingane ebisanezinyanga ezinhlanu,” kubeka uMagubane.
Eqhuba uthe, bamatasa nezinhlelo zokuyisa isidumbu sikamfowabo emakhazeni angakubo.
Uthe inkonzo yesikhumbuzo izobanjelwa eThekwini Community Church ( ECC) ngo-5 ntambama ngoLwesine.
Umufi kubikwa ukuthi ushonele endleni ngenkathi ephuthunyiswa esibhedlela, iKing George, eSydenham.
UMagubane ushiye iMbokodo FM obesekuphele iminyaka esakaza kuyo, ngo-2020.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekile isigameko sokugwazwa komlisa eSydenham.
“Amaphoyisa esiteshi saseSydenham avule icala lokubulawa komlisa emgwaqweni, uHowell. Kusaphenywa,” kubeka uCapt Gwala.