MINENHLE MKHIZE
SA (14) 64
USA (0) 0
K UQOPHEKE amarekhodi ngesikhathi Amabhokobhoko ezibekisela indawo kuma-quarterfinal eNdebe yoMhlaba ese-England.
Izolo ebusuku Amabhokobhoko anenebule i-USA ngo 64-0 emdlalweni kaPool B obuse-Olympic Stadium ukwenza isiqiniseko sokuthi aqeda esicongweni.
UBryan Habana oyingwazi yaMabhokobhoko uzifake emlandweni efica irekhodi likaJonah Lomu waseNew Zealand ophethe irekhodi lokushaya ama-try amaningi emlandweni weNdebe yoMhlaba ngangu-15.
Izolo uHabana ubeke emgqeni amathathu ngemizuzu engu-19 ukufica le nkakha yaseNew Zealand. Usedinga eyodwa ukuphatha leli rekhodi. UHabana akagcinanga ngokufica leli rekhodi ngoba useyalingana futhi nengwazi yase-Australia uDavid Campese ngama-try angu-64 kubadlali asebeshaye amaningi emidlalweni ye-test.
UDaisuke Ohata waseJapan nguyena ophethe elama-try amaningi ngangu-69 emidlalweni yama-test. UHabana usedinga amanye amahlanu ukufica leli rekhodi.
Le ngwazi ivele iyalingana noLomu ngokushaya ama-try amaningi (ayisishiyagalombili) ngeNdebe yoMhlaba eyodwa. Njengamanje uHabana useshaye ama-try amahlanu okumenza ahlale esicongweni ngokuhlanganyela noJulian Savea waseNew Zealand kubadlali asebeshaye ama-try amaningi kule Ndebe yoMhlaba ka-2015.
UHabana akuyena kuphela ongene emabhukwini amakhulu kwazise uSchalk Burger ufice irekhodi likaJohn Smit (owayengukaputeni waMabhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007 eFrance) lemidlalo eminingi kweyoMhlaba emlandweni webhola lombhoxo eMzansi.
USmit wadlala imidlalo engu-17 okuyisibalo esilinganiswe nguBurger izolo.
Elakuleli selilinde ozohlulwa kuPool A phakathi kweWales ne-Australia abazotholana phezulu ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama eTwickenham Stadium, eLondon, e-England.
Amabhokobhoko ahlezi endaweni yokuqala ngamaphuzu angu-16 emidlalweni emine. IScotland izodudulana neSamoa ngoMgqibelo ngo-5.45 eSt Jame’s Park ayisenalo ithuba lokugudluza Amabhokobhoko esicongweni noma ingawina ngephuzu eliyibhonasi.
Uma inganqoba ngephuzu lebhonasi ingagcina inamaphuzu angu-15 kwazise isiqoqe angu-10. Elinye iqembu elisenalo ithuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi yiJapan enamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emithathu.
Leli qembu elimangaze Amabhokobhoko emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba lizovala imidlalo yamaqoqo ne-USA ngeSonto ngo-5.45 eKingsholm.
IJapan idinga ukunqoba umdlalo wayo bese ihlalela ethembeni lokuthi iSamoa izoyibambela iScotland.
Imidlalo yama-quarterfinal izoqala ngo-Okthoba 17. Izolo ama-try Amabhokobhoko ashaywe ngoHabana oshaye amathathu, uFrancios Louw ovalele amabili, Bismarck du Plessis, Jesse Kriel noLwazi Mvovo, Damain de Allende nePenalty try evele ngemuva kokuthi i-USA ihlakaze i-scrum amahlandla amathathu.
UHandre Pollard ushaye ama-conversion amane kwathi uMorne Steyn ongene endaweni yakhe ngesiwombe sesibili washaya amathathu.