INKANTOLO yoMthethosisekelo isigodlile isinqumo mayelana nokuthi kufanele yini obaba abangashadile nonina bezingane banikezwe ilungelo lokuthi izingane zibhaliswe ngezibongo zabo.
Isikhungo iCentre for Child Law (CCL) sifake isicelo kule nkantolo sifuna ukuthi uMnyango wezaseKhaya ukhiphe imigomo elandelwayo uma abazali bekhetha ukuthi ingane esitifiketini sayo sokuzalwa ibhaliswe ngesibongo sikayise okuhambisana noSection 10 weBirths and deaths Registration.
Isikhungo besimelwe ngummeli uJatheen Bhima wabameli abalwela amalungelo abantu ngesikhathi kulalelwe lesi sicelo ngoLwesibili kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Njengamanje ingane ibhaliswa ngesibongo sikanina uma bengashadile noyise, uma abazali bekhetha ukuthi ingane isebenzise esikayise, unina wengane kumele anikeze uMnyango wezaseKhaya igunya lokuthi ingane ibizwe ngesibongo sikayise. Uma unina wengane engekho uyise wengane akakwazi ukubhalisa ingane kulo mnyango ngesibongo sakhe.
Lesi sicelo silandela isehlakalo lapho owesifazane waseDRC onengane nowesilisa waseGrahamstown amaphepha akhe amgunyaza ukuthi abe kuleli aphelelwa yisikhathi ekhulelwe wangakwazi ukubuyela kubo noma ukuyowavuselela. Kwathi isizelwe ingane uyise wenqatshelwa wuMnyango wezaseKhaya ukuthi ayibhalise. Lezi zithandani zaya enkantolo zifuna ukuthi ibeke eceleni lo mgomo ukuze indodakazi yazo ibhaliswe nguyise. Inkantolo yavumelana nabo yathi umthetho kukhona lapho unyathela khona ilungelo.
I-CCL ibe isiya eNkantolo yoMthethosisekelo ngenhloso yokuthi iqinisekise ukuthi iyahambisana nokushiwo yiNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape bese ithatha lo mthetho njengocindezela amalungelo.
UBhima uthe ziningi izizathu ezingaholela ekutheni unina wengane angabi khona ngesikhathi uyise eyobhalisa ingane eMnyangweni wezaseKhaya. Uthe kungaba wukuthi ushonile, akafuni ukuzihlanganisa nengane noma akaziwa ukuthi washonaphi.
Uqhube wathi izingane ezinqatshelwa ukuthi zibhaliswe ngoyise zigcina zingenazo izitifiketi zokuzalwa.
“Ngaphandle kwesitifiketi zifana nezingekho, kwezinye izikole azemukelwa futhi azikwazi ukuhlomula esibonelelweni sezingane esikhishwa uhulumeni,” kusho yena.
UNkk Nonhlanhla Mpanza waseShowe obese kuphele iminyaka engaphezulu kwengu-10 ezama ukulungisa iphutha elenzeka ngoba umazisi wakhe unezinombolo ezifana nezomunye wesifazane onegama elifanayo waseMandeni, uthe wehluleka ukubhalisa ingane ngoyise ayengashadile naye.
“Uyise ubengakwazi ukuyibekela imali yokufunda noma ayifake ezikoleni ezingcono ngoba kufuneka isitifiketi engenaso ngoba mina anginawo umazisi. Lo mthetho ungilibazise iminyaka engaphezu kwengu-10. Le nto yangihlukumeza kwala noma ngichaza ukuthi uyise wengane uyangilobola ngabe siyashada ngivinjwe wukuthi anginawo umazisi, kuthiwe umthetho awukuvumi lokho,” kusho yena.
UMengameli wamaJaji iJaji Mogoeng Mogoeng usigodlile isinqumo wathi kusamele iPhalamende ludingide lolu daba.
“Ubugebengu buningi kakhulu, kumele iPhalamende ludingide lolu daba kuqala umthetho uchitshiyelwe, okwamanje ngiyasigodla isinqumo,” kusho yena.