UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli, uDkt Joe Phaahla, uthi sebefuqa umkhankaso wokusetshenziswa amakhondomu kwabesilisa nabesifazane ukuze kunqandwe ukukhulelwa kwezingane ezincane ezisafunda isikole.
UPhaahla uthe izinga lokukhulelwa kwezingane ezincane liphezulu kakhulu.
Uthe kuyakhathaza ukuthi izingane ezingaphansi kuka-10 ziyakhulelwa wathi lokhu kukhulelwa kwazo kusabalalisa negciwane ingculazi.
“Zikhona izinhlelo zokufundisa izingane ezincane ngobungozi bokukhulelwa zisencane. Ukufundisa ngamakhondomu abesilisa nabesifazane yiwona mkhankaso esiwufuqayo wokuzama ukunqanda ukukhulelwa kwezingane,” kusho yena.
Uthe bakhathazekile bewumkhakha wezempilo ngokukhulelwa kwezingane ezincane.
Ukhale ngokuthi kwezinye izindawo izingane zikhuleliswa ngabantu abadala bese bejaha ukuyokhokhela imindeni, beyohlawula ukuze kuvalwe ihlazo.
“Abantu abakhulelisa izingane ezincane bebadala kumele baboshwe. Ezinye izingane uthola ukuthi zikhulelwe emuva kokudlwengulwa ngabantu abadala, bese lowo muntu ejaha ukuyohlawula akhokhe ukuze indaba inyathelwe ngezinyawo.”
UPhaahla ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende, mayelana nezinga eliphezulu lokukhulelwa kwezingane ezincane.
UDkt Reginah Mhaule, iPhini likaNgqongqoshe loMnyango weMfundo eyisiSekelo, uthe zandile izehlakalo zokuhlunyezwa kwezingane ezisafunda isikole ngesikhathi sokuvalwa thaqa kwezwe.
Uthe ingane engaphansi kuka-16, uma ilala nomuntu omdala kunayo, lokho kufana nokuthi uyidlwengulile.
“Sikhathazekile ngezingane ezishiya phansi isikole zingaqedanga emuva kokukhulelwa. Ingxenye encane yezingane ezibuyela esikoleni zizoqedela izifundo zazo emuva kokubeletha,” kusho uDkt Mhaule.
Ukhale nangesibalo esiphezulu masonto onke sezingane ezisuleleka ngeHIV.
Ubalule ukuthi ziningi izinhlelo abanazo zokufundisa izingane ngokukhulelwa isikhathi singakafiki, wathi kunezinhlelo zokweseka labo abasuke sebekhulelwe, baze babelethe babuyele ezikoleni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe kumele zonke izikole zibe nosonhlalakahle ngoba abazali umsebenzi wabo wokukhulisa izingane sebewushiyele kuhulumeni.
“Kumele kugqugquzelwe ukusetshenziswa kwezivikelo ngoba ezinye izingane zibeletha izingane ezingafunwa emndenini. Umqondo wokuba kube nosonhlalakahle kuzona zonke izikole, ungasiza kulesi simo esibhekene naso sezinga eliphezulu lokukhulelwa kwezingane,” kusho uNkk Khoza.