USALE ushaqekile umphakathi waseWelbedacht East, eThekwini emva kokubulawa kwephoyisa ebelibizelwe ukuzobhula umlilo, wengxabano ebiphakathi kwezithandani.
Iphoyisa (43), igama lalo ebelingakadalulwa kuze kube kubikelwa wonke amalungu omndeni walo, kuthiwa lidubuleke esifubeni izolo, lashonela endaweni yesigameko.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi amaphoyisa amabili afike endaweni yesigameko, ehamba nonkosikazi obebike icala lokuhlukunyezwa ngumyeni wakhe. Kuthiwa indoda yakhe ibona amaphoyisa ivele yavulela ngenhlamvu kwadubuleka iphoyisa elilodwa, lashonela endaweni yesigameko.
Umsolwa uzamile ukudubula elinye iphoyisa kodwa laphendula ngezulu lezandla. Umsolwa, naye igama lakhe elingeke lidalulwe ukuvikela umgilwa, ube esedubuleka washonela endaweni yesigameko.Kugcine sekudindiliza izidumbu ezimbili. Isolezwe lithole ukuthi amalungu omphakathi anikele endaweni yesigameko ezobabaza.
Okhulumela amaphoyisa kuleli uColonel Brenda Muridili, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuphenywa icala lokubulala nelokushona komuntu.
“Umbutho wamaphoyisa udumele kakhulu ngokubulawa kwephoyisa elinguConstable ebelisemsebenzini. Ngokophenyo olusenziwe, iphoyisa beliyosiza ecaleni lodlame lwasekhaya ekuseni ngabo-9:30. Amaphoyisa amabili abehamba nomgilwa wesifazane, obekade ezobika icala lokuhlukumezeka esiteshini saseChatsworth. Sebefika kwakhe, bengakangeni nasendlini, kube khona ukudubula kuvela ngaphakathi endlini. Kube sekudubuleka iphoyisa elineminyaka engu-43. Lidubuleke ngasesifubeni, ngenhla nje kwevesti elivikela ukudubuleka. Umsolwa ube esephuma ebaleka endlini, edubula. Elinye iphoyisa libe selidubula umsolwa. Iphoyisa elidubulekile lishonile endaweni yesigameko, nomsolwa washona. Isibhamu esisetshenziswe wumsolwa kulesi sigameko sithathiwe ukuyohlolwa. Abaphenya amacala enziwe amaphoyisa i-Independent Police Investigation Directorate (IPID) nabo babiziwe endaweni yesigameko,” kusho uCol. Muridili.
Leli phoyisa, ngokusho kombutho belineminyaka engu-11 lisebenza embuthweni wakwaSAPS. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. Imizamo yeSolezwe ayizange iphumelele ukuthola umndeni wephoyisa nokamsolwa njengoba kuthiwa kusalindwe ukuba kubikelwe wonke amalungu omndeni ngesigameko.