KUBOSHWE owesilisa oneminyaka engu-49 obanjwe nemali okusolwa ukuthi ngeyomkokotelo elinganiselwa ku-R107 300 ngoLwesithathu eBotshabelo, eFree State.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uSergeant Martin Xuma uthe le ndoda iboshwe abeSelossha Tactical Response Team ngemuva kokutholwa kwale mali ifakwe ezicathulweni lapho kuhlala khona izingubo zokugqoka emzini wayo.
Lo mlisa uyiswe esiteshini lapho ahlonywe khona ngemibuzo, amaphoyisa athola enye imali yomkokotelo amaphaketheni akhe.
"Ngemuva kokwenza uphenyo ngaphakathi nangaphandle komuzi wakhe, amaphoyisa athole enye imali ewumkokotelo engalinganiselwa ku-R105 900 ifakwe kuplastiki omnyama ifihlwe endlini yangasese," kusho uXuma.
Uthe isiyonke imali eshaqwe amaphoyisa ihlanganise u-R107 300.
Uthe le ndoda ibhekene necala lokuphatha imali engekho emthethweni kanti kulindeleke ukuthi ivele enkantolo yemantshi yaseBotshabelo maduze.
UKhomishana wamaphoyisa eFree State uLieutenant General Moeketsi Sempe unxuse abanikazi bamabhizinisi ukuqinisekisa ukuthi imali amakhasimende athenga ngayo isemthethweni.