ABASOLWA ababili bazovela enkantolo ngokuzama ukushushumbisa insangu ejele laseWestville ngoMgqibelo ekuseni.
Ngokusho kukaLieutenant Colonel Nqobile Gwala abasolwa ababili abaseminyakeni engu-24 no-45 babhekene namacala okutholakala nezidakamizwa.
Uthi laba basolwa bazovela namuhla enkantolo yeMantshi ePinetown.
USingabakho Nxumalo okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo uthi onogada bavimbe imoto ebinabantu ababili phakathi ngo-1.18 entathakusa.
“Umsolwa oyedwa ucele empunzini ngesikhathi onogada bezama ukumbamba. Umshayeli wemoto okuyisakhamuzi sakuleli udalule uzakwabo njengesisebenzi soMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo,” kusho uNxumalo.
Uqhubeke wathi ngesikhathi kuseshwa imoto, kutholakale umakhalekhukhwini, ne-charger, amaphasela amathathu ensangu, amaphilisi angu-924 ewunga kanye namaphilisi amhlophe angu-50.
Uthi ekuseni ngabo-8 ekuseni, abasebenzi abangena emini bezwe isikhalo somuntu ofuna usizo siqhamuka estamkokweni.
“Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo abasebenza kulo mnyango kanye namaphoyisa bathole lesi sisebenzi somnyango sivaleleke lapho, nokuyilapho ebesicashe khona.
“Lesi sisebenzi siboshiwe futhi kwatholakala amaphilisi ohlobo lwe-mandrax, amaselula nama-earphone, amashaja, omakhalekhukhwini, ama-sim card angu-34, amaluzi ewunga angu-669, 1.18kg wensangu nezinye izinto ezingekho emthethweni.
UNxumalo uthe umnyango uzibophezele ekukhucululeni amajele.