AMAPHOYISA abophe indoda ebifunwa ngecala lokudubula, ihlahlele ngocelemba ibulale umuntu eDoringkop, KwaDukuza, ngoLwesihlanu.
NgoMgqibelo, amaphoyisa alandele umkhondo owaholele eMqhwandeni, eShakaville, lapho ebophe khona umsolwa oneminyaka engu-35.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kusolwa ukuthi ngoMashi 20, 2020, ngo-17.20, uMnuz Khethani Hadebe (45) udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu, wagencwa ngocelemba ngabantu abaziwayo.
“Umufi washonela endaweni yesigameko. Kube sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa KwaDukuza,” kusho uColonel Mbele.
UColonel Mbele uthe umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza namhlanje ngecala lokubulala.
Uthe kulindeleke kuboshwe nabanye abantu ngaleli cala.