UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke osabambile, uLt. General Khomotso Phahlane usekushayele ihlombe ukusebenza ngokuzinikela kwamaphoyisa okuholele ekuboshweni kwamadoda amathathu okusolakala ukuthi ayathinteka ecaleni lokugqekezwa kwehhovisi leNhloko yamaJaji, uMogoeng Mogoeng ngoLwesihlanu olwedlule.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesisePitoli izolo, uPhahlane uthe amaphoysa abeqhuba umkhankaso wokusesha imizi ethile eMamelodi ngemuva kokulandela umkhondo ngokugqekezwa kwaleli hhovisi.
“Ithimba lamaphoyisa ebeliholwa yiPhini likaKhomishana wamaphoyisa alwa nobugebengu obuhleliwe eGauteng, uMajor General Mary Motsepe, lisebenze kanzima ukubopha laba basolwa.
Abasolwa batholakale nomazisi bomgunyathi, izibhamu ezingekho emthethweni nemoto okukholakala ukuthi yasetshenziselwa ukubaleka ngosuku lokugqekekezwa kwehhovisi,” kusho uPhahlane.
Uthe abasolwa basezitokisini, bekulindeleke ukuthi bavele enkantolo yaseMamelodi namhlanje ekuseni.
“Amaphoysa anxusa uMnuz Nkosinathi Msimango obekhona endaweni yesigameko ngosuku amaphoyisa abophe ngalo abasolwa okukholakala ukuthi unolwazi olubalulekile olungasiza amaphoyisa kuleli cala ukuthi asize athinte umphenyi wecala, noma abike esiteshini samaphoyisa esiseduze. Amaphoyisa amdinga kakhulu ukuthi awalekelele ophenyweni lwawo,” kuchaza uPhahlane.
Uthe ithemba lamaphoyisa aselibeke ezinkantolo zakuleli ukuthi zizokwazi ukubheka ubucayi becala ziphinde zidlale indima ebalulekile ekwenzeni ubulungiswa kubantu abathintekayo kulo. Uphinde waveza ukuthi okwamanje akukho okubambekayo okuveza ukuthi lobu bugebengu buyitulo langaphakathi, wathi lisathathwa njengesenzo sobugebengu nje kuze kube uphenyo lwamaphoyisa luyaphothulwa.
Angu-15 amakhompyutha ebiwa ngoLwesihlanu olwedlule okuthiwa aqukethe imininingwane ebalulekile yamajaji, ngesikhathi kugqekezwa lawa mahhovisi.
Lokhu kugqekezwa kwamahhovisi kulethe ukuqagela kwizakhamuzi zakuleli ngothinteka ekuqhubeni lobu bugebengu. UPhahlane uxwayise izakhamizi zakuleli ngokwenza izinsolo ezinganabufakazi, kanjalo nabaholi bamaqembu aphikisayo ngokugxeka uhulumeni nongqongqoshe beKhabhinethi ngalokhu kugqekeza.
“Sinxusa izakhamizi nabaholi bazo zonke izinhlangano ukuthi bebambe iqhaza elibonakalayo ukulwa nobugebengu. Ukwenza izinsolo ezingenabufakazi ngomuntu noma ngabaholi abakuhulumeni akusizi uma kuqhutshwa uphenyo lobugebengu obufuze lobu,” kuqhuba uPhahlane.