ITHELE izithelo ezinhle imisebenzi yamaphoyisa aseVryheid abophe amadoda amane asolwa ngokugqekeza izitolo eziwu-10 kuleya ndawo.
Amaphoyisa abesebenzisana nezinhlaka ezihlukene zokuphepha ngo-Agasti 6, abopha amadoda amane okusolakala ukuthi abegqekeza amabhizinisi, ehlinza nezimoto.
Kusolakala ukuthi agqekeze izikole ezimbili lapho kuthwathwe i-grinder, umshini wokushisela, isigubhu segesi, imishini yokugunda utshani neminye imishini.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt Gen Khombinkosi Jula uwancomile amaphoyisa ngokuzikhandla kwawo.
“Amaphoyisa abophe lezi zigebengu enze umsebenzi omuhle ngoba azoqinisekisa ukuthi zijeziswa wumthetho. Kubalulekile ukuthi sibophe izigebengu eziganga ziphindelela ukuze zingaqhubeki nokulimaza abantu. Siyacela umphakathi ungalokothi uthenge impahla eyebiwe,” kusho uJula.
Kusukela ngonyaka odlule osomabhizinisi baseVryheid bebekhala ngezigebengu ezibahlalise lubhojozi ezeba izinsizakusebenza ezihlukene.
Kwenye inkampani lezi zigebengu zathatha udizili owu-900 litres, ama-battery amane, i-generator namanye amathuluzi.
Kuye kwaboshwa izigebengu ezineminyaka ephakathi kuka-20 no-35 ezithinteka emacaleni ayishumi okugqekeza.
Amaphoyisa akwazile ukuthola impahla eyebiwe.
Amadoda aboshiwe abingelele imantshi yaseVryheid ngoLwesine.
Okwamanje asagcinwe ezitokisini kuze kube wu-Agasti 27.
Khonamanjalo amadoda amabili kulawa amane aboshiwe kuvele ukuthi ayathinteka ecaleni lokubulala elenzeka khona eVryheid ngoDisemba 22 wonyaka odlule.
Lawa madoda ayizelamani ngoMnuz Xolani Mdlalose (20) noKhulekani Mdlalose (26) avele enkantolo ngoLwesine lapho ebhekene necala lokubulala, nawo azobuyela enkantolo ngo-Agasti 27.
Kusolwa ukuthi abulala uMnuz Vuyo Khumalo (38).