ABAZALWANE bebandla labasindisiwe iFaith Mission Apostolic Church KwaNongoma, bahlukene phakathi ngomfundisi wabo wesifazane osekuvele ukuthi uthandana nabobulili obufanayo.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi intokazi okuthiwa ubesethembisene nayo umshado futhi sebehlale ndawonye isikhathi eside, ibhoboze leli thumba kulandela ukuxabana kwabo.
Ngokomthombo osondelene kakhulu nalolu daba, le ntokazi eyiphoyisa lomgwaqo, ixabane nesithandwa sayo kulandela ukuthi ithole ukuthi sinoxhaxha lwezinye izintombi khona ebandleni.
Lo wesifazane kuvela ukuthi uthathela lo mfundisi izinyathelo zomthetho ngokwephula kwakhe isivumelwano somshado.
“Ibandla lisashaqekile nangokuzwa ukuthi kanti umam’ Mfundisi uyisitabane.
“Akekho obesola. Kodwa bekwaziwa ukuthi yena nephoyisa lomgwaqo bangamathe nolimi yingakho bebehlale bendawonye futhi bahlala ndawonye,” kusho umthombo ongaphakathi ebandleni.
Kuvela ukuthi umfundisi waze wathengela leli phoyisa iringi yesiliva njengophawu lokuthi uzolishada, kodwa njengamanje kuthiwa ubuyelene nenye intokazi ake wakipita nayo.
Uqhuba umthombo uthi iphoyisa lithukuthele latshela abanye abazalwane ukuthi umfundisi wabo uphila impilo yobutabane.
Omunye wabazalwane baleli bandla, elidumile eNingizimu Afrika, uthi basashaqekile ukuzwa lamahlebezi ngomfundisi wabo.
“Angikholwa ngempela ukuthi umfundisi wethu uphila le mpilo ngoba ubuye abe nguthisha esikoleni salapha samaphanga ephezulu.”
Ethintwa umfundisi uvele wabhoka ngolaka futhi waziphika ukuthi nguye lo obeshayelwe ucingo.
“Ufunani ezindabeni zabantu zangasese. Angisiye futhi loyo muntu mina futhi uyangiphazamisa, ngisemsebenzini,” kusho umfundisi.
Leli phephandaba likhulume nabantu abangaphezu kwabathathu abasondelene nalo mfundisi baqinisekisa ukuthi le yinombolo yakhe.
“Ngenye yakhe kodwa unawo umkhuba wokuphika noma yini. Nokuthi uthandana nephoyisa useyakuphika futhi usecishe nezithombe nengxoxo yakhe nephoyisa kuFacebook. NakuWhatsApp usibelesela ngezithombe zentombi yakhe entsha,” kusho omunye umthombo.
Iphoyisa licele ukungaphawuli ngenxa yokuthi selivaliwe futhi nalo labhoka ngolaka, lifuna ukwazi igama lomthombo opotshozele leli phephandaba lolu daba.
Umthombo uthe ingxabano yomfundisi nephoyisa seyishube kangangoba sebeze bafakana enkantolo.
“Iphoyisa selithunyelelwe wumfundisi incwadi elivimbela ukuthi lingabe lisathi vu ngalo kunoma ngubani futhi sebehlala ngokwehlukana.
“Okuphethe kabuhlungu iphoyisa ukuthi umfundisi walihlukanisa nesoka lalo lesilisa futhi ubelishaya uma elibhadame lincokola nomuntu wesilisa.
“Umfundisi ubesaziwa nakubo kwephoyisa futhi nengane yalo seyimazi. Iphoyisa seliphethwe nawukhwantalala,” kuphetha umthombo. Umthombo ubuye waveza ukuthi indandatho yesithembiso eyayigqokiswe iphoyisa, umfundisi uyithathile.