SEKUZANDLENI zejaji ngekusasa likanesi othweswe icala lokuthengela umyeni wakhe owayengunjiniyela izinkabi ukuthi zimbulale ngoSepthemba 2020.
IJaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa, kulindeleke ukuthi likhiphe isinqumo sokuthi liyamlahla ngecala noma limkhipha phambili unesi, uNksz Nompumelelo Goncalves.
Ligcina ukuhlala icala, uDumisa wathi isinqumo uzosikhipha ngo-Ephreli 2. Waveza nokuthi kungenzeka athathe usuku noma ezimbili efunda isinqumo sakhe ngoba buningi kakhulu ubufakazi ethulelwa bona.
Lo wesifazane ongummangalelwa wesibili ecaleni athweswe lona nomfowabo, uMnuz Nkosinathi Zungu ongummangalelwa wokuqala. Basolwa ngokuthumba futhi babulale behlelile uMnuz Nkosi Timmy Langa.
Bayawaphika amacala abathweswe wona yize uZungu atshela inkantolo ukuthi uLanga wabulawa “ngephutha” abantu ayekade ehamba nabo.
UMbuso usola uZungu nomngani wakhe, uJames Mashudu Mthimkhulu, ukuthi bathumba uLanga emzini wakhe osePinetown.
Isidumbu sikamufi satholakala sesiqala ukonakala ehlathini elisoZwathini, eNdwedwe, ngoNovemba 2020.
UMthimkhulu, walivuma icala wase egwetshwa iminyaka engu-20 ebhadla ejele. Waphenduka ufakazi woMbuso waninda ngecala bobabili abammangalelwa ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo.
UMbuso usola ukuthi uNksz Goncalves waqasha uZungu noMthimkhulu ukuthi bathumbe, babulale futhi badayise iveni kaLanga.
Enkantolo kwavela ukuthi uLanga waklinywa ngentambo ye-ayina washona.
Enkantolo kwavela nokuthi bahluleka ukudayisa iveni likaLanga abagqigqa nalo koMsinga naseBergville bagcina belishiye dengwane.
Enkantolo kwavela nokuthi esebulewe uLanga, kwaba khona inkokhelo eyenziwa nguNksz Goncalves ayeyibhekise kuMthimkhulu.
Kwathi uma umshushisi u-Advocate Krishen Shah, ebuza ukuthi kwakungeyani le mali, uNksz Goncalves wathi kwakuyimali ayekade ecelwe uZungu ukuthi ayithumele uMthimkhulu ngoba wayekade emkweleta yona.