BONISWA MOHALE
N GEMVA kwezikhawu eziyisithupha icala lezelamani zakwaNtuli ezingamalungu e-IFP lihlehla, ummeli wazo utshele inkantolo izolo ukuthi uzofaka isicelo sebheyili ngoLwesithathu oluzayo.
Amalungu e-IFP abekhona ajabule afa ezwa lezi zindaba.
Abasolwa yizelamani zakwaNtuli uMuzi (32) noXolani (29) ababekwe icala lokubulala ilungu le-NFP ehostela laseSeventini, eMlazi, uMnuz Mthunzi Gwala ekuqaleni kuka-Agasti nyakenye.
Izelamani zakwaNtuli zidlele uKhisimusi zaphinde zaqala unyaka omusha zisesitokisini kanti izolo bezibukeka zikhathazekile kodwa kuthe uma ummeli wazo, uMnuz Lourens De Klerk, echazela inkantolo ukuthi usezofaka isicelo sebheyili zabonakala zijabula.
Uthe uma ezibuza ukuthi ziyakuqonda yini osekuzokwenzeka zavuma zimamatheka.
Ngokusho kuka-De Klerk abukho ubufakazi obubambekayo obuhlanganisa abamangalelwa necala lokubulala ilungu leNFP ehostela ngoba amaphoyisa awazange abuqoqe kahle ubufakazi.
Uthe amaphoyisa anezitatimende zabasolwa lapho kuthiwa bazivumela khona leli cala kodwa obunye ubufakazi okuyibona obenze ukuthi angasifaki isicelo sebheyili abusamkhathazi.
Umshushisi uthe umbuso usazosiphikisa isicelo sebheyili nangokuzayo wavuma ukuthi icala lihlehlele uLwesithathu oluzayo.
IMantshi, uMnuz Avesh Sukdoo, itshele abasolwa ukuthi basazoqhubeka nokugcinwa esitokisini kuze kube nguLwesithathu ukuze ummeli wabo afake isicelo sebheyili.
Inkantolo ibigcwele njengokujwayelekile amalungu e-IFP emaningi kanti aweNFP abengabonwa nangokhalo.
Icala lezelamani zakwaNtuli belihlehla njengoba ummeli ebenganelisekile ngobufakazi obesebuqoqiwe.
Emuva kwecala u-De Klerk ube nomhlangano namalungu e-IFP ewachazela ngokwenzeke enkantolo.