UHLALELE ovalweni umndeni womfana ona-9 okuthiwa uvinjezelwe ngamalungu omphakathi waseSavannah Park eMariannhill ngoLwesithathu ngeledlule, emsola ngokuthakatha.
Uyise womfana (igama lakhe elingeke lidalulwe ukuvikelwe umfana) uthi uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ehla esitobhini ntambama ngoLwesithathu ephuma emsebenzini, elinye ilungu lomphakathi limcela ukuba behlisane baye emzini ongumakhelwane lapho kugcinwe khona indodana yakhe okuthiwa ibanjwe kulo muzi igibele imfene, ekuseni ngabo 9.
Uthe ngesikhathi esondela, ugxavunwe kabuhlungu ngamanye amalungu omphakathi abesola yena nonina (uninakhulu womfana) ngokusebenzisa ingane ezenzweni zokuthakatha.
“Ngisindele abebengikhuzela ngenkathi abafana bakulo muzi besho ukungiqeda. Kuze kwafika amaphoyisa okuyiwona agcine ekhulume nesixuku ebesingezwa mshini,” kusho yena.
Uthi utshelwe ukuthi indodana yakhe ibanjwe bukhoma kulo muzi igibele imfene, imfene yabaleka yangena ehlathini. Uthi amalungu omphakathi abesho ukungena kulo muzi efuna imfene okuthiwa ifuywe nguninakhulu womfana.
“Vele lo mndeni okuthiwa indodana yami beyithakatha kuwona, asizwani kahle,” kuqhuba uyise womfana .
Uthe sebethuka izanya besaba ukuthi bangase bahlaselwe. Uthe namuhla uya enkantolo ukuyofaka isicelo sencwadi yokuvikelwa komakhelwane.
Uthe akusikhona okokuqala indodana yakhe isolwa ngokuthakatha, nyakenye kusatshalaliswe izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa ibanjwe nomuthi ebiyowufaka komunye umuzi nawo oyibangana ukusuka kulona okuthiwa ibanjwe kuwo ngoLwesithathu.
Kuthiwa amalungu omphakathi abengena kulo muzi ukuzozibonela ‘umthakathi omncane.’ Kuvele ukuthi umzimba womfana ugcatshwe izinhlanga, uyise uthe yizinhlanga ezigcatshwe wonke umuntu kubo ngenhloso yokubaqinisa uma kugasela izulu.
Elinye ilungu lomphakathi lakule ndawo elixoxe neSolezwe elingathandanga ukudalulwa lithe ngesikhathi umfana eboshwele endlini kulo muzi okuthiwa ubanjwe kuwo, kuthiwa uthe ngayizolo ubeye komunye umuzi eyogqiba umuthi.
Leli lungu lomphakathi lithe banokwesaba ukuthi amalungu alo mndeni azogcina enzakalisiwe.
Ikhansela uMnuz Sibusiso Khwela lithe lizoba nomhlangano nomphakathi ngoMgqibelo ukudingida ngalolu daba.