FANELESIBONGE BENGU
S EKUKANINGI kukhulunywa ngendaba yokuthi imisakazo isifaka osaziwayo ohlwini lwabasakazi bayo, okuyinto abantu abehlukene ngemibono ngayo.
Kuyaziwa ukuthi ngokwebhizinisi into ebalulekile emisakazweni yisibalo sabalaleli ukuze abakhangisi bezofaka kuyo izikhangiso okuyindlela imisakazo eyenza ngayo imali.
Ukufaka osaziwayo kuyasiza ekutheni kwenyuke isibalo sabalaleli ngoba osaziwayo balandelwa yinqwaba yabantu, abanye babo abagcina sebebalalela emsakazweni ngenxa yothando.
Abanye bathi inkinga ngokufakwa kosaziwayo kunciphisa amathuba okuthi abasakazi abanethalente bathole imisebenzi, ikakhulukazi labo abaseziteshini zomphakathi ngoba zithathwa njengezikhungo zokuziqeqesha kulungiselwa iziteshi ezinkulu.
Ngakolunye uhlangothi, kukhona abagqugquzela ukuthi uma usendimeni yezokungcebeleka akumele ugxile entweni eyodwa kodwa kumele usabalale, okuyilesi sizathu ubona osaziwayo bengabalingisi kuthelevishini, noma babe ngabaculi okanye oDJ, bese futhi uphinde ubezwe emsakazweni.
Kukhona ngampela osaziwayo engicabanga ukuthi benza umsebenzi oncomekayo ezinhlelweni abanikezwe zona.
Ngingaqala ngoBonang Matheba, owenza i The Front Row phakathi kuka-10 no-12 phakathi nesonto kuMetro FM. Ngaphandle nje kokuthi usakaza kahle kodwa uyayenzela iSABC imali ngoba uhlelo lwakhe lunabaxhasi.
Omunye usaziwayo engikholwa wukuthi wenza kahle nguThando Thabethe, owangena esikhaleni sikaPoppy Ntshongwana ku-5 FM owayenza i House of Poppy. Ngemuva kokungena kukaThando kulolu hlelo, olungena ngo-10 kuya ku-1 phakathi nesonto, lwashintshwa igama laba yi Thabooty Show okuyigama elingichazayo.
Ngikholwa wukuthi uThando usivale thaqa isikhala sikaPoppy.
Kunezigaba ezimnandi njengese Fate in the 8, okuyibhola lemilingo elinikezana izeluleko.
Kungijabulisile ukuzwa ukuthi umlingisi wo Zalo, uNtokozo Dlamini odlala indawo kaMastermind, uke wabonakala ezindlini zeGagasi FM okusolwa ukuthi uzama ukuyongena khona. Kungalisebenzela iGagasi ukuthi nalo lingasali, libathathe nosaziwayo ukuze izibalo zenyuke. Ngaphandle nje kwalokho abantu bayabathanda osaziwayo futhi ngeke sikuzibe ukuthi Uzalo lubukwa yinqwaba yabantu.
Kuyenzeka nokho ukuthi kufakwe osaziwayo kodwa kungasebenzi. Uzokhumbula iVuma FM iqala yayigadla ngosaziwayo okubalwa kubo Leleti Khumalo
Ngithi usaziwayo uma enethalente akanikezwe umbhobho ngoba yindlela ibhizinisi eliqhutshwa ngayo kulezi zinsuku.
Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku- Instagram @fanelebengu