KUPHAZAMISEKE izinhlelo zokungcwaba ngesikhathi imindeni ebizolanda izidumbu emakhazeni kahulumeni kuGale Street, eThekwini, ifika kuthiwa abasebenzi abalubhadanga emsebenzini, izidumbu azihlinzwanga.
Ngokuthola kwephephandaba abasebenzi bamiswa emsebenzini ngoDisemba. UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal wathatha abanye abasebenzi bakwezinye izindawo, bazosiza wathembisa ukubakhokhela ngokusebenza amahora engeziwe.
Kuthiwa umnyango awusigcinanga isethembiso, base bebuyela lapho babesebenza khona kwasala kungekho muntu emakhazeni.
Kusukela ngoMsombuluko akufikanga muntu ozosebenza, imindeni eyayitshelwe ukuthi izidumbu zihlinziwe ngoLwesibili , izolo ifike ithi izokhipha izidumbu iyozifaka emakhazeni aseduze, kodwa yabuyela emakhaya ilambatha.
UNksz Nokufika Mjoli waseHarding uthe indodakazi kamfowabo uNksz Nombuso Hadebe yashona ngoMashi 8 yahlala emakhazeni asesibhedlela, ilethwe emakhazeni ngoLwesithathu ngeledlule.
“Besilokhu sibuza ukuthi isidumbu sizohlinzwa nini kwathiwa ngoLwesibili sihlinziwe kodwa udokotela akasayinanga. NgoLwesithathu kwathiwa akafikanga, namhlanje (izolo) seza ngoba sithi sekusayiniwe sekuthiwa asihlinziwe akukaze kufike muntu ozosebenza kusukela ngoMsombuluko. Sidumele kakhulu,” kusho yena
UNkk Dorah Dunn Mchunu waseMandeni obezolanda isidumbu somzukulu wakhe uNokwanda Ntuli (19) obefunda e-Unisa oshayiswe yimoto ngeledlule, uthe udumele uma esetshelwa ukuthi abasebenzi abafikanga ekubeni kuyibo abasemakhazeni abamthinta ngoLwesibili bathi isidumbu sesihlinziwe.
“Sesitshelwa ukuthi asihlinziwe kanti yisiphi okwathiwa singasilanda sihlinziwe. . Amanye amalungu omndeni asebenza eKapa naseGoli asebuyile ngoba besazi ukuthi siyangcwaba ngoMgqibelo,” kusho yena.
UMnuz Mkhombeni Mkhize waseGreytown naye ukhala esikaNandi njengoba etshelwe ukuthi isidumbu sendodana yakhe uMnuz Mhlonipheni Mkhize (40) asihlinzwanga, wethenjiswa ukuthi umnyango uzocela abasebenzi abazofika namhlanje kodwa kumele bashaye ucingo ngaphambi kokuthi beze.
Uthintwa ngalokhu uMnyango weMpilo KwaZulu-Natal uthumele isitatimende esithi uyaxolisa emindenini ephazamisekile ngenxa yezimo ebezingalindelekile emakhazeni akuGale (Maphalala-Magwaza) Street. Uyaqhubeka nemizamo yokuqinisekisa ukuthi izinkinga ezikhona ziyaxazululeka ukuze imindeni elahlekelwe ikwazi ukufihla.