IZITOLO ezinkulu seziwasusile emashalofini azo amathini kafishi okuvele ukuthi kungenzeka kube yiwona abangela isifo sokudla okusemathinini esibizwa nge-botulism.
Lokhu kubangelwe yisimemezelo sangoMsombuluko seNational Regulator for Compulsory Specifications (NRCS) enxuse ukuthi kuhoxiswe ukudayiswa kukafishi iPilchard in Tomato Saurce nePilchard in Chilli osemathinini awu-400g, kuzo zonke izitolo ezincane nezinkulu.
I-NRCS ithe isimemezelo isenze emuva kwemiphumela yophenyo lwayo eveze ukuthi igciwane langena emathinini ngesikhathi kufakwa isithako i-sauce kwenziwa umkhiqizo okungagcina kubeke engcupheni ukuphepha kwabathengi.
Baveze ukuthi lokhu kuqale ukubonakala emuva kwezinyanga emathinini agciniwe njengoba okuphakathi ethinini bese kuqala ukushayisana nokusansimbi kwethini okuholela ekuvuzeni kwalo.
Uthe umkhiqizo onale nkinga uqale eKapa lapho wenziwa khona nyakenye wase usatshalaliswa nezwe lonke.
“Sinxusa abathengi ukuthi babuyisele emuva imikhiqizo lapho beyithenge khona, bazobuyiselwa imali yabo,” kusho abakwaNRCS.
Bathe izitolo ezithintekile kubalwa uDeep Catch, Mammas, OK Housebrand, Prime Oceon, Spar Sunny, Shoprite, Riterbrand, Cape Point, Checkers Housebrand, U Brand, Saldanha naseWest Point.
Imikhiqizo ethintekile yileyo enomaka oqala ngo-ZST29 no-ZSC29 obhalwe okhakhayini lwethini.
“Ukuphepha kokudla kubalulekile kithina ngakho inhlangano iyaqhubeka nokuxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukuqinisekisa ukuthi wonke umkhiqizo uyasuswa ukuze kuvikelwe abathengi,” kusho bona.
Okhulumela isitolo sakwaShoprite, uNksz Sarita van Wyk, uthe isitolo sesisabelile kwikhwelo lenhlangano sayisusa imikhiqizo.
UMnuz Mike Prentice wesitolo sakwa-Spar uthe amasuphamakethe abo athole ukuthi imikhiqizo ye-Saldanha enalezi zinombolo okuthiwa ayathinteka kanti sebevele bayikhiphile emashalofini.
I-Woolworths ithe yona iphakelwa abakhiqizi abehlukile.
Uthe yize bewudayisa ufishi wakwa Lucky Star nePilchards in Tomato Sauce engu-400g kodwa yenziwa kwenye indawo.
AbakwaPick * Pay bathe sebeyisuse yonke imikhiqizo okusolakala ukuthi iyathinteka.
Ungoti kwezokudla
ophinde abe yilungu le-South African Association for Food Science and Technology, uSolwazi Lucia Anilech, uthe lesi sifo sibangwa amagciwane amancane abizwa ngeClostridium botulinum atholaka ekudleni okusethinini okune-acid ephansi njengofishi.
Uthe izimpawu zesifo wubuhlungu bomphimbo kube nzima ukugwinya, nokukhuluma, umlomo owomile nobuso obubuthaka, ubuthaka bokubona okuholela ekutheni okubonayo kube sengathi kubili, ukuvaleka kwamehlo, ukuphalaza nobuhlungu bomgogodla.
Uthe izimpawu zingaqala ukubonakala emuva kwamahora awu-18 kuya kwawu-36 emuva kokudla ukudla olunalolu hlobo lwamagciwane.