OMUNYE wabesifazane abazocobelela abanye ngemfihlo yokuphumelela ezithangamini ezizoqala ngoMgqibelo ezibizwa ngeSat-Sof-Fro Salon Seminar, uthe abesifazane kumele bafunde ukuzimela kwezezimali. Isithangami sokuqala sizoba seGreen Park eSandton eGoli.
UNkk Nelisiwe Masango, oyiWealth Coach, uthe kusenhliziyweni yakhe ukufundisa abesifazane ukuthi bangathembeli kumuntu ekutholeni imali. Ungomunye wabangu-12 abaqokwe ukucobelela abanye ngolwazi kulezi zithangami esizozungeza amadolobha ehlukene. Lezi zithangami zihambisana nomkhankaso obizwa nge#WearYou, ohlose ukutshala ukuzethemba kwabesifazane.
“Kubalu-lekile ukuthi singabe-sifazane sicathulisane, sithuthu-kisane ukuze kwakheke isizwe esiqotho. Ngijabulile ngokukhethwa ukuba yingxenye yalo mkhankso ngoba kusho ukuthi ngiyisibonelo kwabanye. Ngijwayele ukululeka abesifazane ngezezimali futhi ngikholwa ukuthi ukubanikeza amathiphu kulo mkhakha kungalwenza ushintsho,” kuchaza uNkk Masango.
Echaza ngomkhankaso i#WearYou, uthe kusho ukuthi uma ungowesifazane kumele uphikelele ngisho isimo singavumi.
“Lokhu kusho ukuzethemba, umamatheke ngisho isimo singavumi kodwa ekugcineni uphumelele ngoba uyayazi inhloso onayo empilweni. Ukuzethemba kowesifazane kuyikho konke ngoba uma umuhle uzethemba kakhulu. Uma uzinakelela nangendlela obukeka ngayo uba semathubeni angcono, “ kusho uNkk Masango.
Uthe uma unaka indlela obukeka ngayo kuba lula nokuthi abantu bakwethembe. Ugcizelela ukubaluleka kokuzihlonipha nokuzethemba athe kuvula yonke iminyango. Uthe abanye abantu bahlaziya ibhizinisi lakho ngendlela obukeka ngayo yingakho abesifazane kumele babe bahle kusuka ekhanda kuya onyaweni.
Abahleli balo mkhankaso nezithangami bathe bakhethe abesifazane abasemikhakheni ehlukene yempilo ukukhuthaza nabanye. Isithangami sokuqala sizogxila ekuzithuthukiseni kwabesifazane kwezezimali. Ngaphandle kokucwala izinwele, abesifazane kuthiwa bangenza lukhulu kwezamabhizinisi.
Abanye abazoshiyelana inkundla kulezi zithangami nguNksz Samke Mhlongo ongumsunuli weThe Next Chapter Wealth Partners. Uyaziwa ekuhlaziyeni ezomnotho emaphephabhukwini, kwiMetro FM, eNCA nakwezinye iziteshi zomsakazo. Kukhona noNksz Aurelia Nxumalo ongummeli ogxile kwezamabhizinisi noyilungu leCorporate Counsel Assocaition of SA. Isithangami esilandelayo sizogxila ekutheni ulisebenzisa kanjani ikhono ngento oyithandayo, ulenze ibhizinisi. Lapho kuyobe kuboshelwe umpheki wodumo lweCheri Yase Kasi uSunshine Shibambo nabanye.