Izinyunyana zothisha i-National Teachers Union ne-South African Democratic Teachers Union KwaZulu-Natal, zinongabazane ngokulungela koMnyango wezeMfundo ukuvula izikole, ezizovulwa ngokusemthethweni kuzwelonke ngoLwesithathu.
Engxoxweni neSolezwe, iNhloko ehhovisi lezokuXhumana kulo mnyango uMnuz Muzi Mahlambi, iqinisekise ukuthi okuningi sekumi ngononina mayelana nezinhlelo zokuvulwa kwezikole kodwa uMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe akukho okubambekayo umnyango ogabe ngakho okwamanje ngaphandle kokwenza izimemezelo.
“Umnyango umemezela ezihlahleni nje ukuthi ukulungele ukuvulwa kwezikole, okuyinto esiphikisana nayo. Ukulungele kunezikole ezingakazitholi izincwadi nemali yokuthenga izinsiza kufunda. Kwezizitholile, aziphelele kangangoba othishomkhulu bagcina sebephoqeleka ukuthi banikeze abazali uhla olude lokuthi bathenge izincwadi ukugcwalisela kwezilethwe uhulumeni okufaka ingcindezi kubona nakothisha uqobo ngoba ekugcineni ingane kumele ifundile,” usho kanje.
Uthe izikhala zothisha azivaliwe. Izikole ezithile zicekelwe phansi yizikhukhula, kangangoba ezinye sekunesikhathi zacekeleka phansi kumanje azikalungiswa, okwenza abafundi bafundele emakilasini angekho esimweni.
Ngonyaka odlule i-Sadtu ibe nombhikisho ikhala ngezinto eziningi, okukhona phakathi kwazo ukungakhokhelwa kothisha imali esilele emuva engu-1.5% kusukela ngoJulayi nyakenye, ukuvalwa kwezikhala zothisha nabasebenzi bomnyango, nemali yama- norms and standards ezikoleni ezinikezwe igunya lokuzithengela izinsiza kufunda.
UNobhala we-Sadtu esifundazweni uNksz Nomarashiya Caluza, uthe njengoba kuzovulwa izikole, bakhathezekile ngemali umnyango okumele uyabele izikole, kwazise kusuka ngonyaka odlule bekubukeka udonsa kanzima ukwenza lokho.
“Emva kokuzwa umnyango uthi usalindele ihhovisi likaMgcinimafa kuzwelonke ukuthi lidlulisele imali njengesethembiso salo sanyakenye, i-Sadtu ibone kungcono ukuthi ikhulume noMphathiswa woMnyango wezeziMali esifundazweni (uNkk Peggy Nkonyeni), ukuthi angenele ukuze izikole zithole izincwadi ezidingekayo. Ubesaxoxisana nabomnyango ukuqonda ukuthi bafuna usizo olungakanani,” usho kanje.
Uthe banethemba lokuthi kuzothi kuqala isonto elizayo imali yezincwadi zesikole ibe isifinyelele kuzona.
UMahlambi yena uthe umnyango usuzihambisile izincwadi ezikoleni eziningi esifundazweni kanti nohlelo lokuhlinzekwa kwezikole ngokudla lumi ngomumo.
“Uhlelo lokwamukela abafundi luqhubeke kahle ngaphandle nje kwezinkinga ezingatheni ezikoleni ezithile nakhona ezisetshenzwayo. Siyitholile imibiko esiyibhekayo ngezikole ezicekelwe phansi yizulu yize singakabi naso isibalo sazo esiphelele. Ikhona nemibiko ngezikole ezicekelwe phansi ngamalungu athile omphakathi ngesikhathi samaholidi, nokuyinto esihlale sikhuthaza umphakathi ukuthi unakekele izikole, uzivikele,” usho kanje.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe okuqubula imibuzo ngokulungela kwesifundazwe ukuvulwa kwezikole, yizimo ezibonakale nyakenye okungakabibikho okubambekayo okuveza ukuthi sekubhekenwe nazo.
“UNkk Frazer (Mbali) uluzibile udaba lwezikhala zothisha ezingavaliwe. Sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili kwaqalwa uphenyo ngodaba oluthinta ukuphakelwa kwezikole kodwa umbiko ngalo awukethulwa. Njengoba izikole zivulwa ngesonto elizayo, i-IFP izokubhekisisa ukuthi udaba lokuhanjiswa kwezincwadi ezikoleni nokuhlinzekwa ngokudla, kwenzeka ngendlela efanele,” kusho uNtuli.
Esithangamini sikaNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube nabezindaba ngoDisemba nyakenye wathi kusuka ngoMsombuluko izikhala zothisha ezivuleke ezikoleni eziningi zizobe sezivaliwe.