AZIYIZWA kahle eyokuvulwa kwezikole izinyunyana zothisha.
Izinyunya zithi nakuba amalungu azo emagange ngokubuyela ezikoleni ayofundisa, kepha zona azikholelwa ekutheni uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukulungele ukuvulwa kwezikole.
NgoMgqibelo, uNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga, umemezele ukuthi umnyango ukulungele ukuba kuvulwe izikole namhlanje.
UMotshekga uphinde waveza ukuthi umnyango ukulungele ukuba ezikoleni zamabanga aphansi kubuyelwe ohlelweni lokufunda olwejwayelekile, abafundi bangabe besashintsha izinsuku.
Lokhu kuzokwenzeka kusukela ngoMsombuluko wangesonto elizayo.
Ziphawula emva kwale nkulumo, izinyunyana zothisha zithe kuningi umnyango okusafanele ukulungise ngaphambi kokuba ukulungele ukubuyela kwabafundi ezikoleni.
Phakathi kwezinto izinyunyana ezikhale ngazo ukungabi khona kwezinsiza zokulwa neCorona nokushoda kwamagumbi okufundisa ukuze kuqikelelwe ukuthi abafundi bayaqhelelana.
UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe banokukhathazeka ukuthi uhulumeni ukhethe ukuvula izikole ekubeni izibalo zabahaqwe iCorona zingakakhombisi ukwehla.
“Ngokweziyalo zeWHO (World Health Organisation) kufanele kulindwe izibalo zehle ukuze senze isiqiniseko sokuthi kuphephile ukuthi izikole zivulwe.”
UMaluleke uthe bakhathazekile ngokuthi kugqekeziwe kwezinye izikole njengoba kade zivaliwe, kwantshontshwa izinsiza zokuvlwa nokusabalala kweCorona nokudla okuphekelwa abafundi.
Obambe kwesikamengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe bakhathazekile ngokuthi izikole eziningi ezicekelwe phansi ngesikhathi kunezibhelu KwaZulu-Natal naseGauteng azikalungiswa.
“KwaZulu-Natal zingu-139 kanti eGoli zingaphezu kuka-40. ICorona isifundise ukuthi kufanele kube nokuqhelelana. Asifisi ukubona kunesimo lapho lingezukugcinwa khona ibanga elivumelekile lokuqhelelana.”
UMalinga uthe kusenenqwaba yothisha abahaqwe iCorona, abazivalele ngabodwana, abangeke bakwazi ukubuyela ezikoleni.
“Sinenqwaba yothisha abahaqwe iCorona. Lokhu kusho ukuthi kukhona izingane ezizokube zingenabo othisha njengoba labothisha bengeke baye ezikoleni.”
Okhulumela iSaftu, uMnuz Trevor Shaku, uthe ziningi izethembiso ezingazange zigcinwe wumnyango.
“Umnyango wathenbisa izikole amathangi amanzi, amagumbi okufundisa engeziwe nezincwadi zokufundisa ezengeziwe. Kuze kube namhlanje izikole zisazilindile le zinto. Lokhu kwenza umuntu akungabaze ukuthi umnyango ukulungele ukuvulwa kwezikole.”