KUHLEHLISELWE usuku olungakaziwa ukugcotshwa konqobe ukhetho eZimbabwe, * -Emmerson Mnangagwa

KUMISWE ngomzuzu wokugcina ukufungiswa kukaMengameli omusha waseZimbabwe, uMnuz Emmerson Mnangagwa, kulandela ukufakwa kwesimangalo enkantolo ngemiphumela yokhetho yinhlangano ephikisayo iMovement for Democratic Change (MDC) Alliance.

UMnangagwa bekufanele afungiswe izolo kodwa umcimbi wahlehliselwa usuku olungakaziwa.

Ukumiswa kwalo mcimbi kube ngenxa yezikhalo zeqembu eliphikisayo iMDC Alliance nelehluliwe okhethweni obelungenyanga edlule.

NgoLwesihlanu ithimba labameli baseZimbabwe basebenze cishe ubusuku bonke behlanganisa umbiko ongamakhasi alinganiselwa ku-230 onobufakazi obuqanda ikhanda.

Kulolu khetho i-MDC Alliance ibiholwa nguNelson Chamisa.

Leli qembu lipike abameli bakhona eZimbabwe kwathi ezikaMnangagwa zona zapika inkakha yommeli waseNingizimu Afrika uDali Mpofu.