ZILOKHU ziqhubekile izinkinga ezikhungethe iNdlunkulu kaZulu.
Lokhu kudalulwe ngundunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, esithangamini sabezindaba oLundi, ngoLwesibili.
UButhelezi uthe sekube nemizamo eminingi yokugudluza iSilo esihlalweni.
ISilo saqokelwa kulesi sihlalo emva kokuba igama laso liphakanyiswe yincwadi yefa eyashiywa yiNdlovukazi ebiyibamba bukhosi, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.
UShenge uveze ukuthi amanye amalungu asendlunkulu asebhalele iSilo, esiyalela ukuba sishenxe kulesi sihlalo esashiywa yiSilo esisanda kubuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UButhelezi uthe le ncwadi ibhalwe ngamazinyane kanye nondlunkulu bakaMdlokombane basezigodlweni KwaKhethomthandayo, KwaDlamahlahla, eNyokeni, Linduzulu nasoNdini, kanjalo nendlu yeSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon.
Le ncwadi inqumela iSilo ugwayi katiki, isiyalela ukuba siyeke ukuzenza iSilo.
“Siyakuyalela ukuba uhlukane nokuzenza iSilo,” kusho le ncwadi efundwe nguButhelezi.
Ngaphandle kwale ncwadi ebhalelwe iSilo, kukhona enye ebhalelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ephakamisa igama likaMntwana uSimakade Zulu ukuba angene esihlalweni sobukhosi.
Le ncwadi iphinde iphakamise ukuthi uMntwana uSimakade ahlinzekwe ngemihlomulo efanayo naleyo uhulumeni wesifundazwe oyinika iSilo kuze kube kuxazululwa umbango wesihlalo.
Kepha uButhelezi wenze izinsolo zokuthi amanye amalungu asendlunkulu aluthwa ukuba asayine incwadi ephakamisa uMntwana uSimakade.
“Amanye amalungu asendlunkulu ayekade eye emngcwabeni ngesikhathi kushone uMntwana wakwaDilange, abe eseluthwa ukuba asayine ukuthi abekhona emhlanganweni okuphakanyiswe kuwo uMntwana uSimakade,” kusho uShenge.
Kuphinde kube khona enye incwadi yesithathu, ephakamisa undlunkulu waKwaKhethomthandayo, uSibongile Dlamini Zulu, ukuba abambe isihlalo sobukhosi kuze kube kusombululwa umbango waso.
Le ncwadi yenza izinsolo zokuthi iSilo savuma ukuthi ayizange ilandelwe imithetho ngesikhathi siqokwa, sathi siyakwemukela ukuthi kufanele kuqalwe phansi ukuqokwa kozongena esihlalweni.
Ngokwale ncwadi, iSilo sakusho lokhu ngesikhathi sihlangene nabasesigodlweni KwaKhethomthandayo.
Ngokusho kukaButhelezi, akukho ukudideka ngesihlalo sobukhosi.
“ISilo sihlezi esihlalweni,” usho kanje.
UButhelezi uthe uma sekuxegiswe imithetho elawula ukusabalala kobhubhane iCorona, iSilo sizobiza umhlangano wazo zonke izindlu eziyingxenye yendlunkulu lapho kuzocaciswa khona ngalolu daba.
UButhelezi uthe abazi ukuthi iSilo sizogcotshwa nini ngokusemthethweni njengoba besalinde uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba athathe isinqumo ngalolu daba.
Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Lennox Mabaso, unqabile ukuphawula ngalolu daba.
“Njengamanje uhulumeni wesifundazwe umatasa, uzama ukulungisa umonakalo odalwe yizibhelu. Asizange sisibone leso sithangami sabezindaba. Mhlawumbe sizophawula uma sesisibonile kepha okwamanje sisematasa,” kusho uMabaso.
UMntwana uMbonisi Zulu, ongomunye walabo abangahambisani nokuqokwa kweSilo, naye wenqabile ukuphawula njengoba ethe akazange alithole ithuba lokubuka isithangami sabezindaba.