CELANI SIKHAKHANE
I SIHLUKANISE phakathi izinyunyana zamaphoyisa indaba yokuthi kubuyiswe uMnuz Bheki Cele esikhundleni sakhe esidala sokuba nguMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke.
Lokhu kulandela ukuthi inyunyana ezimele yamaphoyisa iSouth African Policing Union (Sapu), isiphumele obala yathi izolwa kuze kube sekugcineni ukuthi uMengameli Jacob Zuma abuyisele esikhundleni uCele ngoba ubugebengu buphezulu kakhulu.
I-Sapu iphikisana nesinqumo esithathwe yiPopcru sokuthi akadingeki uCele emaphoyiseni ngoba wadala umonakalo omkhulu.
UNobhala weSapu KwaZulu-Natal uNkk Nurse Mdletshe, uthe amaphoyisa ayamdinga uCele ngoba aselahlekelwe ithemba ngenxa yokubulawa nokwanda kobugebengu.
“Sifuna uMengameli asizwe isikhalo sethu ngoba izwe lisenkingeni. UCele ufike ubugebengu budla lubi kuleli kodwa waqhamuka namasu okubuyisa isithunzi emaphoyiseni nezigebengu zaqala zehlisa ubudlova. Akugcinanga lapho kodwa ubethi uma konakele endaweni atheleke azolekelela amaphoyisa kuliwe nezigebengu. Namanje simile ekutheni uMkhuzi wamaPhoyisa okhona, uGeneral Riya Phiyega akakhululwe manje. Umsebenzi ubonakala ungaphezu kwamandla akhe umama. Ngisho kungathiwa sibhekene nobugebengu obunjani ngeke umama umbone efika kuleyo ndawo njengoba kwakwenza uCele,” kusho uNkk Mdletshe.
Ngo-Agasti 26 le nyunyana izoba nemashi eMgungundlovu nabafelokazi bamaphoyisa nezintandane ezalahlekelwa abazali bazo abebekulo mbutho ukuze bahlabe ikhwelo lokuba kubuyiswe uCele.
Ngesonto eledlule iPopcru ithe asikho isidingo sikaCele emaphoyiseni futhi nabantu kumele bayeke manje ukutshela imiqondo yabo ukuthi ubugebengu kuleli buyoqedwa uCele.
Umkhulumeli wePopcru uMnuz Richard Mamabolo ekhuluma ne Solezwe, uthe uCele wayengeyedwa ngesikhathi elwa nobugebengu kodwa wayesizwa umphakathi namaphoyisa.
Uthe namanje uGeneral Phiyega angakwenza lokho ngosizo olufanayo lwamaphoyisa nawo umphakathi, wathi namaphoyisa angamalungu abo awakaze akhononde ngokuthi afuna uCele.
UNkk Mdletshe yena uthe amaphoyisa akhala nxa zonke ngoCele ngakho kuyadingeka uMengameli ayibuyekeze indaba yakhe ngoba abantu abamfunayo abavoti balo hulumeni okhona.
I-ANCYL isike yazama ukuba ifake ingcindezi yokuba kubuyiswe uCele kodwa kunalokho uMengameli wamfaka esikhundleni sokuba iphini likaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nokuDoba.
Ngisho esengene kulesi sikhundla lolu phiko lumbizele eGauteng lapho lwalunomkhankaso wokulwa nobugebengu, okuyinto eyasusa umsindo wokuthi uhlanganaphi nobugebengu ngoba yena kumele agxile kwezoLimo nokuDoba namaHlathi.
Ngisho uphiko lwentsha ye-NFP ngeledlule lucele ukuthi okungenani akenziwe ukhomishana wamaphoyisa eGauteng ngoba yilapho ubugebengu bumandla khona nokubulawa kwamaphoyisa.
Ekuqaleni konyaka kugcine sekuba nomkhankaso wokuthi #BringBackBhekiCele.