Izonyuka ngo-6.25% imali ekhokhwa kuma-tollgate emigwaqweni emikhulu eNingizimu Afrika kusuka ngoMashi 1, ngokusho weSouth African National Road Agency SOC Limited (Sanral).
ISanral ithe intengo imali ishintshwa minyaka yonke kubhekwa iConsumer Price Index, etholwa kwiSatistics South Africa.
Imenenja yezokuxhumana kwaSanral, uMnuz Vusi Mona, ithe imali abayithola kuma-tollgate ibalulekile ukunakekela nokuthuthukisa imigwaqo kanjalo nokukhokhela izikweletu.
“Le mali idlala indima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuthi iSanral ifeza umsebenzi wayo wokwenza imigwaqo esezingeni eyenza impilo yabantu baseNingizimu Afrika ibe ngcono,” kusho uMona.
Uthe bayazwelana nabantu ngenxa yesimo somnotho kodwa kubalulekile ukuthi bayinyuse imali ukuze baqhubeke nokwenza imigwaqo esezingeni kubo bonke abayisebenzisayo.