I-African National Congress Youth National Youth Task Team (ANC NYTT), isigxeke i-ANC nohulumeni yathi bahlulekile ukuxazulula isimo kungakonakali kakhulu okubalwa kukho ukutatshwa kwempahla, ukushona kwabantu nokucekelwa kwempahla okudlange ezifundazweni ezimbili, iKwaZulu-Natal neGauteng.
Le nhlangano ithe ikhathazekile ngokucekelwa phansi kwempahla okuzoshiya abantu abamnyama behlwempu kakhulu.
Ithe vele umnotho ushiye ngaphandle abamnyama ngenxa yokuswela izidingo, kanti manje isimo sibi kakhulu ngenxa yeCovid-19.
Esitatimendeni ithe njengoba izinga lokungasebenzi kwentsha liphezulu, leyo ntsha embalwa esebenzayo izolahlekelwa yimisebenzi.
“Uhulumeni ne-ANC bekumele basheshe balungise lesi simo kungakonakali kakhulu. Bekumele kube nohlelo lokuxazulula lesi simo ngokwezepolitiki izinto zingaze zifike lapho sezikhona manje.”
Le nhlangano ithe:“Siyagxeka ukuthi umbhikisho oqale ngokufuna ukuthi kudedelwe owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ejele, usungenelwe yizigebengu ezicekela phansi impahla. Kuyadumaza futhi siyakugxeka ukushiswa kwamabhizinisi, ukutatshwa kwempahla nodlame oluqhubekayo.”
Le nhlangano igxeke nokushona kwabantu kulokhu kutatshwa kwempahla ezitolo.
Ithe kuzophazamiseka nohlelo lokugoma oluqhubekayo lokugomela iCovid-19 okuhloswe ngalo ukusiza abantu.
“Sinxusa i-ANC nabaholi bophiko lwentsha ukuthi baye kokhuluma nabantu ukuze bezwe izikhalo zabo. Ngeke kube noxolo kungazange kuboniswane.”
Le nhlangano ithe amaphoyisa ahlulekile njengoba emancane, bebaningi abantu abasuke betapa ezitolo.
“Sizwile nangokutshalwa kwamasosha kodwa bekungagwenywa ukutshalwa kwawo ukuba amaphoyisa aqapha udlame anazo zonke izinsiza.”
Lolu phiko lunxuse ukuthi kube nokuthula, kuyekwe ukutatshwa kwempahla.
“Sifisa ukuxwayisa uhulumeni ngenkinga enkulu ebhekene nentsha yokungasebenzi. Leli bhomu lingaqhuma noma yinini, sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni enze izinhlelo zokunqanda lesi simo avulele intsha amathuba emisebenzi.”
Kunxuswe intsha ukuthi iziphathe ngendlela ihloniphe umthetho iphinde ivikele inkululeko eyalwelwa kanzima.