ZITHUTHELWE emajele aseduze iziboshwa ebezigcinwe esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo iWatervaal esise-Utrecht emuva komonakalo odalwe yisishingishane ngoLwesihlanu.
Lokhu kuqinisekiswe wuNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Ronald Lamola, obehambele iWatervaal izolo ukuzohlola umonakalo.
ULamola uthe iziboshwa eziwu-141 sezithuthelwe kwamanye amajele iNcome nase-Estcourt.
ISISHINGISHANE esibonakale oLundi ngeMpelasonto
“Sigculisekile ukwazi ukuthi abekho abashonile ngesikhathi kuhlasela isishingishane. Sisebenza ngokuzikhandla ukubuyisela isimo kwesejwayelekile,” kusho uLamola.
Uthe mane amagumbi agcina iziboshwa onakele. Izikhulu eziyisithupha ziphelelwe yindawo yokuhlala emuva kokuthi izindlu ebezihlala kuzo zoniwe yisishingishane.
ULamola uthe izikhulu zizokhonjiswa lapho zizogoba khona amadlangala kuze kube isimo sibuyela kwesejwayelekile.
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Ronald Lamola, ekhuluma neziboshwa ngesikhathi evakashele isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo iWatervaal, e-Utrecht, KwaZulu-Natal, izolo Isithombe: SITHUNYELWE
Uqhube wathi izikhulu zomnyango zizohlangana naboMnyango wemiSebenzi yoMphakathi ukuze kuqhanyukwe namacebo okulungisa umonakalo odalekile.
Imvula enamandla ebihambisana nomoya iphinde yashiywa kukhalwa oLundi ngoMgqibelo idala umonakalo emizini nasezikoleni.
Isishingishane sihlasele KwaCeza naseDlebe.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu, uthumele ithimba elihlola umonakalo kule ndawo. Phakathi kwezikole ezonakele kubalwa Usuthu Primary, esamabanga aphakeme iFalaza kanye neZimpakaneni Primary, zonke ezisoLundi.
Esitatemendeni esithunyelwe wumnyango sithe mahlanu amaward ahlaselwe yisishingishane konakala imizi ewu-45 kwaNongoma.
Olundi nakhona iwu-45 imizi elimele, ibe wu-15 ebaQulusini newu-9 oPhongolo.
Kulesi sitatimende kuthiwa abekho abashonile noma abalimalile ngesikhathi kuwusha isishingishane.