ZAINUL DAWOOD
K UDINGEKE ukuba kulandwe ogandaganda ababili kugujwe umgodi ukuze kuhlengwe inhlwathi engu-3.5 metres ubude umphakathi wasOgunjini oSindisweni eNdwedwe ufuna ukuyibulala usuze washisa namathayi uzama ukuyikhipha emgodini ebicashe kuwo ngoba uthi iyona kanye le nyoka echobozela imfuyo yawo.
Le nhlwathi ibonwe ngamalungu omphakathi amane ayivalela ekhoneni efuna ukuyibulala kodwa yabaleka yacasha emgodini.
Laba babe sebeshisa amathayi ngenhloso yokuyikhipha emgodini ukuze bayibulale, kwabizwa nenkampani yonogada iReaction Unit Sout Africa, ukuba izokwelekela.
Okhulumela inkampani uPrem Balram uthe bathole ucingo ngezithuba zabo-10 ekuseni kubikwa ngenyoka enkulu umphakathi ofuna ukuyibulala eduze nasesibhedlela Osindisweni.
“ Umphakathi ubusola ukuthi iyona le nyoka edla imfuyo yawo futhi uyibona iyingozi enkulu ezinganeni,” kusho uBalram.
“Uma sifika sithole abantu abalinganiselwa ku-200 bengunge idwala elikhulu. Bese bephonse amaqanda angu-20 kuleli dwala bezama ukudoba le nhlwathi ukuthi iphume,” usho kanje.
Uthe abasebenzi beReaction Unit bazamile ukwehlisa imimoya kubantu babatshela ukuthi inyoka izosuswa ngaphandle kokuthi ilinyazwe bese iyiswa endaweni ephephile kodwa bangafuna nokuyizwa leyo befuna ukuyishisa ngamathayi.
“Emuva kwehora kube sekucaca ukuthi ogandaganda beMaverick Plat Hire bangawenza ngokushesha umsebenzi, lapho umphakathi ubusuqala ukungalawuleki,” kulandisa uBalram.
Kubizwe nomsebenzi weVerulam Snakes and Critter Removals, uLee Naidoo ukuzokwelekelela.
UBalram uthe emuva kokugujwa komgodi uNaidoo uyibambile inyoka kanti konke lokhu uthe kuthathe amahora amahlanu. UNaidoo uthe ugoduke nayo le nyoka wayoyigcina kwakhe.
Uthe indlela umphakathi obudoba ngayo le nhlwathi ngamaqanda ibingeke isebenze ngoba inhlwathi ayiwadli.
“ Namhlanje (Lwesibili) abantu bezemvelo bazongisiza ukuthi ngiyihambise endaweni efanele,” usho kanje.
UBalram uthi umphakathi uthe kade wawuzama ukuyithola le nyoka futhi usubulele namachwane ayo ebiwazale ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
URobert McKenzie okhulumela iKZN Emergency Medical Services uthe ziyanda izigameko lapho abantu bebona izinyoka ikakhulukazi ezindaweni ezingasogwini ngenxa yokugcwala kwamanzi nokufudumala kuzona.
Uthe ngalesi sikhathi sonyaka basuke belindele izigameko eziningi zokulunywa yizinyoka kwabantu. Njalo ngonyaka uthi babhekana nezigameko ezingamakhulu ambalwa eKZN iyodwa.