ASABHEKENE ngeziqu zamehlo amalungu e-ANC ne-SACP eNtshangwe okwabulalwa amalungu awo amabili ngenyanga edlule, okwenza ukuthi lapho ehlangana khona achaphane ngenhlamba kuqhume nequpha.
Lokhu kungabekezelelani phakathi kwalamalungu omfelandawonye kuphinde kwabonakala izolo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eCamperdown lapho kuqhume khona iqupha nezinyo.
Izinhlangothi zombili bezifike ngobuningi bazo ukuzolalela amadoda amane angamalungu e-ANC ecela ibheyili.
Asolwa ngokubulala isishoshovu se-SACP, uNksz Nontsikelelo Blose (44). Ukubulawa kwakhe kwaholela ekubulaweni kweshoshozela le-ANC, uMnuz Xolani Ngcobo (38).
Abe-ANC bahambe bephukulile ngemuva kokuthi iMantshi, uNkk Nombulelo Mbatha, ewanqabele ibheyili amadoda amathathu, oMnuz Sthe Hlengwa (27), Sithembiso Mnguni (39) noLungisani Basi (22) abasolwa ngecala lokubulala nelokukhomba ngesibhamu. Indoda yesine, okuthiwa yadubula uNksz Blose yambulala, uMnuz Khehla Shozi (30), isihoxisile esayo isicelo sebheyili.
Ngaphandle kwenkantolo amaKhomanisi avuke umbhejazane ngemuva kokuthi owesifazane we-ANC edumele ngequpha uNksz Nomfundo Blose (19), indodakazi kamufi, uNksz Blose, ngemuva kokuhilizisana emuva kwecala. Owe-SACP, uNksz Nobuhle Mkhize (32), okuthiwa ulunywe owesifazane we-ANC emunweni elwela uNomfundo, ubesopha ekhala ngokuthi ngeke bavume kuxhashazwe indodakazi kaNksz Blose.
“Ngeke bafike babulale uNsi (Nksz Blose) bese beshaya ingane yakhe. Umshayelani uNomfundo? Lo mama ungunkosikazi womunye wabasolwa, ulwela umyeni wakhe. Ngithe ngilamulela uNomfundo wavele wangingenela ngezinyo. Waze wangicasula ngoba ungifakela amagciwane akhe,” kusho uNksz Mkhize.
UNomfundo, obesaveva yintukuthelo, uthe abe-ANC abakhohlwe ngoba akayi ndawo, uzofela kwi-SACP.
“Umama wangishiya kwi-SACP ngakho ngeke ngiyiyeke. UMa bamdubula ngoba bethi ukhuluma kakhulu. Vele kukhona ongitshele emehlweni ukuthi ugogo usazozila futhi, okusho ukuthi bazimisele ngokubuya bazobulala mina. Bengifuna abasolwa bakhishwe ukuze ngizokwazi ukubakhomba ngibabonise umfowethu oneminyaka emibili osezokhula ngaphandle kukamama ngenxa yabo. Bambulala engenzanga lutho umama,” kusho uNomfundo.
Abaholi be-ANC abekade bezolalela icala bale baphetha ukukhuluma ne Solezwe bathi kumele kuthintwe ubuholi besifunda noma besifundazwe.
“Sibe nomhlangano ngoMgqibelo lapho sitshelwe khona ukuthi asivumelekile ukuphawula kwabezindaba. Kumele nithinte uBheki Ntuli we-ANC eThekwini noma uMdumiseni Ntuli we-ANC esifundazweni,” kusho omunye wabaholi onqabile negama lakhe.
IMantshi ithe ngeke ibadedele ngebheyili abasolwa ngoba ibona ukuthi kuzosuka uthuthuva emphakathini njengoba isimo singakabuyeli kwesejwayelekile.
Kuphinde kwavela nabasolwa abayisishiyagalombili okubalwa kubo noShozi ngokushisa nokucekela phansi impahla khona eNtshangwe ngemuva kokubulawa kwababili ngenyanga edlule.
Icala lokubulala lihlehliselwe u-Okthoba 25, elokushisa lahlehliselwa u-Okthoba 26.