NONTUTHUKO NGUBANE
KUBE nomunyu nosizi kushona abayisishiyagalombili bozalo lwakwaMkhize engozini yetekisi abebehamba ngayo beya emcimbini “wokuqomisa’ intombi eNtunjambili, KwaMaphumulo, ngeSonto.
Umcimbi awubange usaqhubeka emuva kwesibhicongo esenzeke sekusele amanenjana bafike kubo kwentombi, uKhululiwe “Khule” Bhengu obelethelwe yisoka lakhe, uMnuz Siyonga Mkhize (33) impahla yokumqomisa.
Isimo sibe muncu, isililo saqhuma phezulu esigodini eMwane, eNkandla lapho bekusuka khona abashonile. Itekisi abebehamba ngayo kuvele ukuthi iphunyelwe yisondo langaphambili, yaphaphalaza maqede yashaya isihlahla. Izolo lishone kubikwa ukuthi sebeyisishiyagalolunye abashonile kodwa amaphoyisa bengakaqinisekisi.
UMkhize utshele Isolezwe izolo ukuthi ikhanda liyaduma njengoba kubhubhe abomndeni engozini.
“Isibhicongo lesi. Angiyazi into enjena. Bonke abashonile abozalo lwami. Bebengiphelezela ukuya emcimbini wokukhunyulwa kwentombi yami (umcimbi wokuqomisa). Bengihamba ngemoto encane bona behamba ngetekisi, ngibalandela. Ngifike itekisi seyingaphansi kwesihlahla. Izihlobo zami ebezingiphelezela bese zishonile. Abanye bebekhala belimele kanzima.
“Ngiyadumala ngoba bengizama ukuvusa umuzi wakithi kodwa kwagcina ngokushona abantu basekhaya,” kusho uMkhize.
Phakathi kwabashonile kukhona abashana, abazala bakhe noninalume, abaneminyaka esuka kwengu-12, abaningi okuyizingane zesikole.
“Bonke abebekule ngozi sihlobene nabo, izingane zodadewethu nezinye izihlobo zethu. Iningi labo lihlala ngandawonye. Sisokhalweni olulodwa. Yisililo sodwa emphaka-thini wangakithi,” kusho uMkhize.
Umcimbi wokukhunyulwa uthe yilapho kusuke kuhanjiselwa intombi izimpahla zokuyikhunga. Akuwona umembeso, wumcimbi owenziwa ngezigodi uma intombi isanda kuqoma insizwa yamisa neduku. Intombi bebeyipha-thele izipho ezigcine zingafikanga njengoba ingozi yenzeke besaya emcimbini.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezingozi njengoba kushone abangaphezu kuka-16 emahoreni angu-24.
“Sishaqekile yilezi zingozi ezishaqisayo zamatekisi. Sihlezi sishumayela ivangeli lokuphepha emgwaqeni. Sizokhuluma nabaphethe amatekisi mayelana nalesi simo. Sizolekelela imindeni eshonile,” kusho uMchunu.
Okhulumela amaphoyisa eKZN uLt Nqobile Gwala uthe baphenya amacala okubulala kungenhloso.