USOLA ukuthi isikhumba esilumayo esibukeka njengesenyoka yisona esimfakela isigcwagcwa kubaqashi owesifazane waseMtubatuba
UNksz Mbali Msweli (31) othi wazalwa enesikhumba esomile, esilumayo bese siyebuza bese sidala izikwele emzimbeni sibukeke njengesenyoka, yisona esidala ukuthi angaqashwa emizini yabantu.
Uthi abantu abaningi bacabanga ukuthi lesi sifo siyathathelana.
"Sengizame kaningi ukuthola umsebenzi, kwezinye izikhathi ngiwuthole owokusebenza endlini kodwa uma sengifika umqashi athi useshintshe umqondo.
“Umane athi uzobuye angibize, angabe esangibiza. Muva nje ngike ngathola ithuba lokwenza uqeqesho-msebenzi obeluzokwenza ukuthi mina nabanye ebesinabo siqashwe sibe ngonogada.
“Abanye babiziwe mina angibizwanga, kulokhu kuthiwa asikaveli isikhala. Yize engekho oshilo ukuthi inkinga yisikhumba sami kodwa ngiyabona ukuthi yisona ngoba abantu besaba nokusondela eduze kwami," kusho yena.
Uthe esikoleni nakhona wayefunda kanzima izingane zimcwasa. Kunesikhathi lapho aze wasizwa uMnuz Lawrence Mthombeni owake waba imeya yaseMkhanyakude owayenebala elimhlophe. Wakhuluma nezingane ngesimo sesikhumba sakhe ezitshela nokuthi asithelelani.
"Ubaba uMthombeni wangisiza, ezinye izingane zangemukela kodwa akuzange kuphele ukuthi ziyangesaba.
“Abantu basemphakathini nabo banakho ukungibuka ngendlela ehlukile, yize ngikhulele kubo," kuchaza uNksz Msweli.
Mayelana nokwelashwa uthe wagcina esekhathele ukuya emtholampilo ngoba ubenikwa i-Aqueous Cream abebona ingamsizi.
Ngo-2018 uthe wadluliselwa esibhedlela iNgwelezane waya eKing Edward, watshelwa khona ukuthi isifo anaso aselapheki.
Wanikwa into yokugcoba engamphathanga kahle nayo i-Aqueous Cream. Udokotela wakhe wamyekisa yona wamnika i-Aqueous kuphela, waze waziyekela ukuyilanda ngoba ebona ingamsizi.
UDokotela wesikhumba uDkt Mamello Ntsele osebenza ezibhedlela iKing Edward naseCrompton, uthe nakuba engasihlolanga lesi siguli kodwa kubukeka sengathi sineLamellar Ichthyosis, okuyisifo esiwufuzo esidala ukuthi isikhumba some ngokwedlulele.
" Lesi sifo asilapheki ngoba siwufuzo kodwa ikhona imithi engamaphilisi yokusilawula enikezwa iziguli ezinisaso okumele ziyisebenzise impilo yazo yonke.
“Iziguli eziningi zibuye zikhathale ngoba zisuke zifuna into ezozelapha.
“Ngingeluleka ngokuthi lesi siguli sibuyele esibhedlela ukuze sithole usizo njengoba kusebusika nje isikhumba soma kakhulu, siyebuza nakho okubuhlungu. Le mithi engiyishoyo isiza kuleso simo," kusho uDkt Ntsele.