UGWETSHWE iminyaka engu-10 waphucwa nezincwadi zokushayela umshayeli wetekisi olahlwe yicala lokubulala abafundi ngokungenhloso engozini eyenzeka eNtuzuma nyakenye.
UMondli Mazwi Zisongo (30) ugwetshe izolo eNkantolo yaseNtuzuma eThekwini ngamacala amahlanu.
Kulesi sigameko esenzeka ngoJanuwari nyakenye kwashona uThabisile Mjara/ Myeni (16), Sibusiso Sibiya (16), Ntobeko Ngidi (16), Ndumiso Mkhongi (15) noScelokuhle Khumalo (13). Ingozi yenzeka abafundi beya esikoleni ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole.
IMantshi, u-Erenskia La Grange, ngesikhathi ilahla uZisongo ngecala, ithe waba budedengu ngendlela ashayela ngayo efaka abagibeli bakhe engozini.
“Ubungumshayeli onesipiliyoni njengoba bese ushayele amatekisi iminyaka engu-10 kodwa ngelanga lesigameko waba budedengu uthwele abantu abangaphezu kwesibalo esivumelekile. Kwakumele uthwale abangu-16 kodwa babengu-22 etekisini. Kumele ujeze ukuze abanye abashayeli bamatekisi bafunde ukuthi ukushayela budedengu kushone abantu yicala elibomvu. Ngikugweba iminyaka engu-10,” kusho uLa Grange.
IMantshi ithe kule minyaka engu-10 emgweba yona, kuzolengiswa iminyaka emihlanu. Lokhu kusho ukuthi uzohlala ejele iminyaka emihlanu.
Kule minyaka elengisiwe akumele atholwe enecala elifana naleli.
IMantshi iphinde yamphuca ilayisensi yokushayela neyokuthwala umphakathi (PDP) iminyaka engu-10.
Uthe kuleso sikhathi akavumelekile ukuba afake isicelo esisha sokuba athole ezinye izincwadi zokushayela nemvume yokuthwala abantu (PDP).
IMantshi ngesikhathi igweba uZisongo ithe kumele azi ukuthi imindeni yabashona yahlukumezeka ngenxa yakhe.
“Abantu bakuleli bathembela ematekisini ukuba abathuthe abayise emsebenzini nasezikoleni. Abazali bezingane babethemba ukuthi uzohambisa izingane zabo kahle, izingane zakwethemba ukuthi uzozifikisa esikoleni ngesikhathi kunalokho wajaha imali ngokuthwala abantu ngokweqile. Lokhu owakwenza kwashiya imindeni nesilonda engeke siphele,” kusho uLa Grange.
IMantshi ithe igculisekile ngobufakazi obulethwe phambi kwenkantolo obuthi umshayeli wayehamba ngesivinini esiphezulu, wangama lapho kunophawu lokuthi ame khona ngoba ebalekela izikhulu zeNtuzuma Taxi Association ngoba azi ukuthi uzohlawuliswa * -R300 ngokuthwala abantu abeqile esibalweni esivumelekile.
Uthe ngokochwepheshe abahlola indawo yengozi kuyacaca ukuthi weqa umugqa omhlophe wahamba ngasohlangothini lwezimoto ayephambana nazo okwenza washayisana nebhasi.
Ubuchithile ubufakazi bomshayeli wetekisi obuthi yena wayengakwazi ukulawula ukuthi kungena abantu abangaki etekisini ngoba abafundi bavele bafuhleleka etekisini.
IMantshi ikuhlabile kakhulu ukufakwa kwe-speaker esenza itekisi igqome okudale izitulo zetekisi ukuthi zingashiseleki ngendlela phansi nokungezinye zezinto ezenza ukuba abagibeli basaphazeke sekwenzeka ingozi.
Umndeni womshayeli, obukhona enkantolo, uvele wabheka phansi ujabhiswa yisigwebo. UZisongo naye ubelokhu ehlome amehlo phansi ngesikhathi egwetshwa.
Ubengaphandle ngebheyili ngesikhathi kusaqulwa icala nokusho ukuthi uqale izolo ukulala ejele esengumuntu ogwetshiwe.