UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi usexwayise ngokusabalala kwesifo okukholakala ukuthi sitholakale ekudleni, iListeriosis okuthiwa sesibulale abantu abangu-36 eNingizimu Afrika.
Ekhuluma nabezindaba ePitoli izolo uMotsoaledi uthe kukholakala ukuthi lesi sifo sitholakale ekudleni.
Uthe kusuka ngoJanuwari 1 kuya kuNovemba 29 balinganiselwa ku-557 abahlolelwe lesi sifo kuzo zonke izifundazwe.
Izigameko eziningi ezibikiwe zibikwe eGauteng (345) kwalandela iWestern Cape nezigameko ezingu-71 kwase kuba iKwaZulu-Natal ebike izigameko ezingu-37, izigameko ezinye zibikwe kwezinye izifundazwe.
Kulezi zigameko ezingu-557 ezibikiwe zingu-70 eziqinisekisiwe.
Ezigamekweni eziqinisekisiwe balinganiselwa ku-36 abantu abashonile.
UMotsoaledi uthe u-34% wezigameko ezingu-557 ezihloliwe, uhlolwe ezikhungweni ezihlola uketshezi ezizimele. Ezingu-66% zihlolwe ezikhungweni zikahulumeni.
“Njengoba kungu-17% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa izikhungo zezempilo ezizimele, lesi sibalo sezigameko ezibikwe yizikhungo ezizimele siphezulu kakhulu. Lokhu kukhombisa ukuthi kungenzeka ukuthi sitholakale ekudleni size sisabalala.
“Kungenzeka ukuthi sitholakale ekudleni okusatshalaliswa kakhulu kubantu ngokuhlukana kwamazinga abo,” kusho uMotsoaeledi.
Isikhungo esicwaninga ngezifo iCentre for Disease Control and Prevention sichaza iListeriosis njengesifo esibucayi kodwa esilaphekayo
nesivikelekayo.
Uthe amalungu omphakathi angathinta ucingo lwezimo eziphuthumayo kwi-NICD ku-011 386 2000 ngezikhathi zasehhovisi uma benemibuzo ngalesi sifo. Abasebenzi bezempilo bangashayela ku-082 883 9920.