KUNGQONGQE amaloli amabili nemoto encane kuN2 eHluhluwe izolo ngesikhathi iloli likaphethroli lishayisana mahlanze neloli elithwala izingodo.
Kushaye isikhathi sokushicilela abezimo eziphuthumayo besathole ukuthi munye umuntu oshonile kwazise bebengakwazi ukusondela emalolini ngoba umlilo ubusavutha.
UMnuz Comfort Khumalo oyiMeya kuMasipala iBig 5 Hlabisa, utshele Isolezwe ukuthi ithimba labo lezinhlekelele liphume ngo-10 ekuseni liyozama ukucisha umlilo endaweni yesigameko kodwa kuze kwashaya u-5.30 ntambama lisasebenza.
“Okwamanje sisathole ukuthi munye umuntu oshonile okungumshayeli weloli likaphethroli. Umshayeli weloli lezingodo uphumile. Uphenyo lwesikhashana luthole ukuthi amaloli ashayisane mahlanze sengathi elinye belivika elinye. Bekukhona nemoto ebimi eceleni komgwaqo kodwa ebingenamuntu. Akukabi wumbiko ophelele lona ngoba abezimo eziphuthamayo, amaphoyisa nabezinhlekelele basasendaweni yesigameko,” kusho uKhumalo.
Uthe umlilo wamaloli uthungeleke nasemapulazini kaphayinaphu, isepulazini elinesiqiwu nakwelezinkomo yingakho usha ubuhanguhangu.
Uveze nokuthi kabanawo amakhemikhali anele okucisha umlilo onophethroli nokwenza ukuthi kube nzima ukuwucisha.
“Umlilo walolu hlobo awuvamisile ukuba khona kule ndawo yangakithi. Ithimba lethu lezinhlekelele lisebenza ngokuzikhandla ukuwucisha. Siyazwelana nabashonelwe nabalinyalelwe yimpahla. Sicela abashayeli baqaphele emgwaqweni balandele imithetho,” kusho uKhumalo.
Kuze kwashaya esokushicilela umnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal ungakaphawuli.