BANGU-291 747 abafundi asebexhaswe yiNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) selokhu kuqale unyaka kanti lesi sibalo kulindeleke ukuthi sinyuke njengoba kululwe nesikhathi sokuthi abafundi basemakolishi bafake izicelo.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo walesi sikhwama uMnuz Sizwe Nxasana esitatimendeni asithumelele abezindaba ngemuva kokuvela phambi kwekomiti lezemfundo ePhalamende.
UNxasana uthe balule isikhathi sokuthi abafundi basemakolishi amaTechnical Vocational Education and Training, bafake izicelo zokuxhaswa njengoba sekuvalwa namhlanje.
“Iningi labafundi abaxhasiwe lisemanyuvesi. Kusaqhubeka ukubhalisa kubafundi basemakolishi. Bangu-180 944 abasemanyuvesi asebexhasiwe, babe ngu-110 803 abasemakolishi. Kwabasemanyuvesi bangu-71 098 abazokwenza unyaka wokuqala kuthi abangu-109 846 kube abebevele befunda ngonyaka odlule,” kusho uNxasana.
Uthe emakolishi bangu-15 375 abafikayo asebexhasiwe, babe ngu-95 428 abebevele befunda ngonyaka odlule.
Uqhube wathi bayavuma ukuthi kuba nokubambezeleka ekuxhumaneni nalabo abathole uxhaso ngesikhathi.
“Ziningi izinselelo esibhekene nazo ekuxhumaneni nabafundi ngesikhathi. Inkinga enkulu yizinguquko emakhalendeni ezinye zezikhungo ngenxa yeziteleka. Enye inkinga yindaba yokuthi labo abasuke befake izicelo abafaki zonke izimfanelo ezisuke zidingeka bese kuba nokubambezeleka,” kusho uNxasana.
Uthe bangu-9 976 abafundi abachithwe yilesi sikhwama ngoba baseqoqweni i-missing middle abazali babo bahola kufinyelele ku-R600 000 ngonyaka.
Laba bafundi uthe bangafaka izikhalo kulesi sikhwama ukuze zibhekwe kabanzi izikhalo zabo.
USihlalo wekomiti leMfundo ePhakeme ePhalamende, uNkk Connie September, uthe ujabule ngokuthi abalesi sikhwama baveze ukuthi bathole izicelo ezingu-380 000.
Uthe bathole nokuthi akubanga nezinkinga kususwa abafundi ohlelweni oludala beyiswa ohlelweni olusha.
Izolo esithangamini nabezindaba ngemuva komhlangano weKhabhinethi, uNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMnuz Jeff Radebe, uthe uhulumeni usexhase inqwaba yabafundi abafikayo emanyuvesi kulo nyaka.