UMFELANDAWONYE wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu uthi izibalo ezingu-27.6% zabantu abangasebenzi kuleli kumele zivuse emaqandeni uhulumeni ozofungiswa ekupheleni kwale nyanga.
Umfelandawonye uthi lezi zibalo ziyashaqisa ngoba zisho ukuthi abantu abangu-36 million okumele ngabe bayasebenza kodwa babhuquza emakhaya.
Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe lezi zibalo ezikhishwe yiStats SA, zikhombisa ukuthi zikhulile uma uqhathanisa no-27.1% wekota yokugcina yangonyaka odlule.
Uthe ziza ngemuva kombiko iSpectator Index, wangoJanuwari owaveza ukuthi leli linesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi uma liqhathanisa namanye amazwe emhlabeni jikelele.
“Lezi zibalo zikhomba ukuthi izigidi zabantu abasha bathembele kuhulumeni ukuze baphile. Kuyashaqisa ukuthi uhulumeni uzama ukwehlisa izindleko ngokuthi adilize abasebenzi ngoba esephelelwe amaqhinga,” kusho uPamla.
Ngokwalo mbiko abesifazane yibona abayizisulu zokungawutholi umsebenzi.
Izibalo zeStats SA zikhishwe nguMnuz Risenga Maluleke ePitoli izolo. Uthe izinga lokungasebenzi ekoteni yokuqala ka-2019 limi ku-27.6%, lisuka ku-27.1% wekota yokugcina yango-2018. Uqhube wathi abesifazane abamnyama izinga labo lokungasebenzi limi ku-31.1% abesifazane abamhlophe bona izinga lokungasebenzi kwabo limi ku-6.6%.
Abesifazane bamaNdiya nabamhlophe bona abathinteki kakhulu uma ubaqhathanisa nabamnyama kanjalo nabamakhaladi. Imikhakha okulahleke kuyo imisebenzi eminingi kubalwa owezokwakha owehle ngemisebenzi engu-142 000, owezezimali ngo-94 000 kuthi owezenhlalakahle ngo-50 000.
Kwezokuthutha nokuhweba yandile imisebenzi ngo-59 000 nango-25 000.
Uhulumeni uthe iyakhathaza indaba yezinga eliphezulu labangasebenzi.
Isitatimende sithe kunezinhlelo eziningi zokuzama ukuphucula umnotho nokuwukhulisa okubalwa ingqungquthela yemisebenzi, uhlelo lukamengameli lokuphucula umnotho kanjalo nengqungquthela yokutshala imali.
Izibalo zikhomba ukuthi kubantu abasha abangu-20.3 million abaphakathi kuka-15 no-34 weminyaka * -40.7% bebengaqashiwe futhi bengafundi.