NOKUBONGWA PHENYANE
S EBEQALILE ukuveza isasasa labo abalingisi abasha be Generations asebefaka izithombe zabo besezindlini zokuqopha ezinkundleni zokuxhumana.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kulaba njengoba bese kunokuqagela okukhulu kwabaningi bezibuza ukuthi ngobani abalingisi abazobonaka ku- “ New Generations’’.
Ithimba elisha labalingisi lizoqala ukubonakala ngoDisemba 1 okuwusuku lo mdlalo obuya ngalo ngemuva kokuxoshwa kwabalingisi bawo abadala, abangenela isiteleka esingekho emthethweni ngoba bekhala ngamaholo.
Abalingisi abasha okukhona kubo nabadala abebefika isikhashana, babonakale okokuqala ekhasini likaDenise Zimba ku-Instagram osethimbeni labalingisi abazohamba phambili.
UDenise ushuthe isithombe wabhala ukuthi sebeqalile ukushutha iziqephu ezintsha futhi basebenza amahora amade kodwa bajabulile ngomsebenzi wabo.
Uthe yena nethimba elisha sebewuqalile umsebenzi ozothokozelwa ngababukeli balo mdlalo.
“Qagelani ngubani omunye umlingisi omusha we Generations? Sesiphezu kwawo umsebenzi sisebenza kanzima kodwa sisenaso isikhathi sokuthi sidlale siphinde sithathe izithombe njengoba i Generations isizobuya. Sibusisekile siyabonga Mdali ngokusivumela senze umsebenzi esiwuthandayo,” kusho uDenise.
Nomlingisi uManaka Ranaka ube ngomunye wabaphumele obala wavuma ukuthi usethimbeni elisha elizobonakala kulo mdlalo.
UManaka ufake isithombe ku-Instagram wabhala ukuthi impilo kumele iqhubeke.
“Umdlalo kumele uqhubeke ngeke ngivume ufe ngendlela abanye akade sebebona ukuthi ungashabalala ngayo. Bakithi yamukelani ithimba elisha labadlali benu be Generations,” kusho uManaka.
Abantu bakhombise ukuthokoza ngokufakwe yilezi zintokazi emakhasini azo njengoba abaningi bebesho ukuthi sebewulindele ngabomvu lo mdlalo.
Abalingisi asebemnkantshubomvu asebezakhele igama kulo mdlalo nakweminye kubikwe ukuthi bazowushukumisa kuthi abasha abaqashiwe balekelele lapho kuzobe sekuqalwe khona.
Abalingisi abafana noDenise odlala indawo kaMary ukhuze ibuya njengoba aqala ukuvela kuwona ecelwa uDineo ukuthi amtholele umntwana.
Kwabanye ababuyile uRonnie Nyakale owaziwa ngelikaCosmos no-Andisiwe Dweba ongudadewabo kaCosmos.
Abanye abalingisi abadumile abazobonakala kulo mdlalo uConnie Ferguson ozoqhubeka negama lakhe likaKarabo Moroka, uRapulana Seiphemo naye ozobuya enguTau Mogale, Manaka Ranaka obelingisa ku Zabalaza yena ozoba uLucy, Letoya Makhene obedlala ku Sidingo ozoba uTshidi no-Ivy Nkutha obelingisa ku Zabalaza ozoba uGog Flo.
Abanye abalingisi nguMusa Ngema ozodlala indawo kaMazwi noThulisile Phongolo ozoba uNamhla. Laba balingisi kubikwe ukuthi yibo abazohamba phambili uma usaqala.