USEFISA ngisho ukuyogcinwa esiteshini samaphoyisa ugogo ongaboni emehlweni waseLindelani, eThekwini, ohlala evalelwe yedwa endlini ubusuku nemini. Kuthiwa useke wazama ukuzikhunga ngenxa yenhlalo engeyinhle ekhaya.
Lo gogo, owaziwa ngoNkk Ntuli, waseChibini, eLindelani, utholwe ngomakhelwane ehayiza ngaphakathi, ekhala ngomzukulu wakhe ongamphethe kahle njengoba emsola nangokushaqa yonke impesheni yakhe.
Ilungu lomphakathi, elicele ukungadalulwa, lithe uNkk Ntuli uvulelwe ngabantu ebebemuzwa ekhala. Amalungu omphakathi abe esebiza abaholi bendawo kwafika noNkk Zandile Shezi, oyilungu lekomiti lomphakathi, nofike wahlala naye ugogo wambuza ngesimo sakhe.
UNkk Shezi utshele Isolezwe ukuthi ugogo ukhala kakhulu ngamaphoyisa, ucela abizwe ukuze ezongenelela nasodabeni lwemali yempesheni ayizwa ngendaba.
"Asimficanga umzukulu kodwa ngizamile ukuhlala nogogo ngenzela ukuthi asilandise kahle. Uyayihola impesheni kodwa uthe imali yonke ithathwa ngumzukulu wakhe bese eyamvalela ahlale yedwa, kube nzima nokuthola ukudla," kusho uNkk Shezi.
Eqhuba uthe isimo sikagogo asisihle neze, bayafisa ukuthi osonhlalakahle basheshe bangenelele ngoba akulula njengoba ehlala edinga ukunakekelwa.
Echaza ngesimo abamfice kuso, uthe ubemapunapuna eduze kwamanzi okugeza abeshiywe wumzukulu ngethemba lokuthi uzozigeza kodwa wehluleka.
"Umzukulu wakhe uthe wumfana nokuyinkinga ngoba kufanele kube khona umuntu ozomgeza ugogo. Okungizwisa ubuhlungu nokungishayisa ngovalo ukuthi ugogo usitshele ukuthi uke wazama ukuzibulala kabili kodwa wehluleka ukuzikhunga," kusho uNkk Shezi ekhathazekile.
UNobhala wekomiti laku-ward 38, uMnuz Muzi Ntuli, kuthiwa ufikile wasibona isimo sikagogo wazama nokubiza osonhlalakahle kodwa bebengakafiki ukuzobheka isimo.
"Ukhale kakhulu sesihamba, ebalisa ngokuthi siyamlahla noma sesisibonile isimo sakhe. Siyafisa kushaywe ikhwelo kosonhlalakahle ngokushesha," kusho uNkk Shezi.
Ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, lithembisile ukuthi lolu daba luzosukunyelwa ngokushesha.
Okhulumela umnyango, uMnuz Mhlaba Memela, uthe bakushayela ihlombe ukusukumela phezulu kwamalungu omphakathi.
"Sizothumela osonhlalakahle ngokukhulu ukuphuthuma kulungiswe nodaba lwempesheni kagogo akwazi ukuyothola imali yakhe. Siyabakhuthaza abantu ukuthi baxhumane namahhovisi osonhlalakahle uma behlala namalungu omndeni ahlulekayo ukuwanakekela. Kunezinhlelo zamahhala zikahulumeni zokulekelela. Sizolulandela nodaba lomzukulu sibambisene namaphoyisa, uma kukhona lapho kuphulwe khona umthetho," kusho uMemela.
Leli phephandaba lithole nama-video aqoshiwe ugogo eveza nokuthi umzukulu wamfakela i-sanitizer ethi umuthi wamehlo nokwenza wangabe esabona nhlobo. Ukhala nangokuthi uhamba isibhedlela kodwa sekunesikhathi eside engahanjiswa.