I-SACP ithi izokwenza isiqiniseko sokuthi akwehli ngisho indibilishi ngemilenze uma sekuthengwa umgomo wokuvikela ubhubhane iCorona.
Leli zwe liphansi phezulu lizama ukuthenga umgomo wokuvikela ubhubhane oseluhaqe izakhamizi zakuleli ezingaphezu kwesigidi.
Leli qembu lithi lizoqala umkhankaso wokwenza isiqiniseko sokuthi abekho abantu abazosebenzisa leli thuba ukuzinothisa ngemali yomgomo.
Ngesikhathi igciwane libheduka ngasekuqaleni konyaka odlule, uhulumeni walahlekelwa yizigidi zamarandi ezehla ngemilenze ngesikhathi kuthengwa izinsiza zokuvikela ukusabalala kweCovid- 19
Unobhala jikelele weSACP uMnuz Blade Nzimande, uthe kulokhu bazokube bebheke ngamehlo abomvu ukuthi ayibi khona inkohlakalo.
“Ngeke siyivumele inkohlakalo nokuqhwagwa kwamandla ombuso kuzo zonke izinhlelo zikahulumeni zokuthenga umgomo wokuvikela iCorona.”
UNzimande ubekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-26 kwashona uMnuz Joe Slovo, owayengunobhala jikelele weSACP.
UNzimande uthe bazophinde benze isiqiniseko sokuthi kulawulwa amanani omgomo ukuze wonke amazwe azokwazi ukuwuthenga.
“Ngalo mkhankaso sihlose ukuqeda nya umqondo wezinkampani ezikhiqiza amakhambi, wokuhlale zibeka phambili ukwenza inzuzo. Ezweni lethu sifuna uhulumeni enze isiqiniseko sokuthi ukuthengwa komgomo weCorona, akuphenduli abantu abathize kubenze izigwili.”
UNzimande uphinde wanxusa uhulumeni ukuba enze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyawuthola umgomo uma usuthengiwe, kungabi khona ukwenzelela ekusabalalisweni kwawo.