ISABC ithi uma kuvalwa izikhangiso zotshwala izowa ngoba imali eningi iyenza ngezikhangiso zayo.
Iphinde yaveza nokuthi intela kashukela izoba nomthelela omubi enzuzweni yeSABC.
Ikhale ngokuthi izolahlekelwa wu-R1.2 billion uma kuvalwa izikhangiso zotshwala futhi izolahlekelwa enye imali njengoba inamacala aqhubekayo kwiCompetition Tribunal.
Isikhulu sezimali kwaSABC, uNksz Thabile Dlamini uthe imali eningi ingeniswa yizikhangiso zotshwala nezeziphuzo ezinoshukela.
"Sizodinga u-R1.2 billion kulo nyaka ukubhekana nezindleko. Sizimisele ukungenisa u-R7.4 billion kuwo esizongenisa u-R5.2 billion ngezikhangiso. UR1 billion kuzoba ngsiwenza ngokukhokhelwa kwamalayisensi ethelevishini no-R253 million esizowuthola kuxhaso lukahulumeni," kusho uNksz Dlamini.
Bathe bafuna ukwehlisa izindleko zabo ngo-R973 million.