FANELESIBONGE BENGU
UKUSHINTSHA isitayela basifake isigqi sakwamanye amazwe kwenze i-albhamu yeMafikizolo eshisa izikhotha ibe yimpumelelo.
Lokhu kushiwo yilungu laleli qembu uNhlanhla Nciza osebenza noTheo Kgosinkwe othe bazihambela bodwa e-Afrika nge-albhamu yabo ethi ReUnited abayikhiphe ngonyaka odlule.
Izolo kukhishwe uhlu lwabaculi abaqokelwe eqoqweni leKia Record of the Year kumaSouth African Music Awards azoba seSun City ngo-Ephreli 28.
IMafikizolo iqokwe kabili ngengoma abapike kuyo i-Uhuru ethi Khona nethi Happines abayenze noMay D.
Lokhu kusho ukuthi sebeqokwe emaqoqweni ayisihlanu njengoba beqokwe nakwi-Album of the Year, Duo or Group of the Year, Best Pop Album neBest Collaboration.
“Sakhetha ukuthi senze umculo ozothakaselwa yibo bonke abantu base-Afrika nokusisebenzelayo. Vele wonke umculi ufisa ukuthi anakwe ezwenikazi lonke. Thina nje siqashwa emazweni okubalwa kuwo oTanzania, Angola, Nigeria nakwamanye amazwe futhi lokhu sekudale ukuthi abaculi abaningi bafune ukusebenza nathi. Kumanje siqeda kuqopha iculo noDaVido waseNigeria,” kusho uNhlanhla.
Iqoqo leRecord of the Year yilona kuphela elivotelwa ngumphakathi kanti ngonyaka odlule kwaqopheka umlando ngesikhathi uSfiso Ncwane eba ngumculi wokholo wokuqala ukunqoba ngengoma yakhe ethi Kulungile.
Ukuvota sekuvuliwe kanti kuthunyelwa i-sms enohlamvu oluqondene nengoma nesifundazwe ohlala kuso ku-33123 (isibonelo: D - Mpumalanga). Ukuvota kubiza u-R1.50 kanti inombolo ivunyelwe ukuvota ka-10.
Abaqokiwe:
A BlackByrd - I Feel Good Today
B Connell Cruise - Not Just Friends
C Danny K - Brown Eyes
D DJ Ganyani - Xigubu
E DJ Kent ft Liquideep - Top Of The World
F DJ Kent ft The Arrows - Spin My World Around
G DJ Vetkuk Vs Mahoota Ft. Dr Malinga - Via Orlando Remake
H Donald - Over The Moon
I Fistaz Mixwell & DJ Hloni Ft. Mellow Soul - I’m Free
J Goldfish ft John Mani - One Million Views
K Heavy K ft Mpumi - Wena
L Jimmy Nevis - Heartboxing
M Jimmy Nevis - In Love With You
N Khaya - Move
O Khuli Chana - Mnatebawen
P Liquideep - Welcome Aboard
Q Mafikizolo - Happiness
R Mafikizolo ft Uhuru - Khona
S Matthew Gold ft AKA - N o Ordinary Guy
T Mi Casa - Jika