MINENHLE MKHIZE
Polokwane City (0) 0 Orlando Pirates (0) 0
Z IYANDA izinkinga ze-Orlando Pirates elinyalelwe yisithenjwa sayo somdlali u-Oupa “Ace” Manyisa othinteke iqakala lwangakwesokunxele izolo ebusuku ngesikhathi ezakhe zidlala ngokulingana ngo 0-0 nePolokwane City emdlalweni we-Absa Premiership obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.
UManyisa ulimale ngesikhathi ebanga ibhola noJabulani Maluleke enkabeni yenkundla ngomzuzu ka-56. Ngemuva kwalesi sigameko ubonakale ezibhonqa phansi ekhombisa ozakwabo ukuthi lithintekile iqakala.
Odokotela bamthathe ngohlaka baphuma naye enkundleni baqonda ezindlini zokushintshela abadlali. Ubelokhu ezimboze ngejezi kungacaci noma uyakhala yini.
Namuhla uManyisa uzohlolwa ngodokotela ukuthi ngabe umonakalo mungakanani eqakaleni. Izolo ebusuku uphuthunyiswe emtholampilo.
UManyisa ongukaputeni wePirates ungomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu kwazise kula masizini amabili adlule usedlale imidlalo engaphezu kuka-100 ilandelana kweZimnyama.
Le njini izolo ebuyiselwe eqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo emibili yesihle neCosta Rica neHonduras ilimala nje iBucs ivele isigqemeke udume kwazise ngoMgqibelo izodlala ngaphandle kukaHappy Jele noSiyabonga Sangweni uma isidudulana ne-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni womlenze wokuqala wama-semi final eCaf Confederation Cup e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli ngo-6 ntambama.
Bobabili bazobe bedonsa isigwebo samakhadi aphuzi. IBucs ivele idlala ngaphandle kukanozinti wayo wokuqina uBrighton Mhlongo osanda kubuyela ejimini kulandela ukulimala edolweni. I-Al Ahly iyona evikela isicoco seConfed Cup.
IPirates ihlaselwe yizinkinga zabadlali nje nasenkundleni izinto azihambi kahle njengoba iphikwa yimiphumela okubeka ikusasa lika-Eric Tinkler engcupheni kwazise nakuMTN 8 uphume ekuseni.
IPirates isiqoqe amaphuzu amahlanu emidlalweni emihlanu yeligi. Leli qembu selishaywe imidlalo emibili ladlala ngokulingana kwemibili lanqoba owodwa.
IBucs iye emdlalweni wayizolo ingayazi iwini emidlalweni emithathu edlule. NgoLwesihlanu ezikaTinkler zilahle amaphuzu zidlala ngokulingana ngo 1-1 neMpumalanga Black Aces e-Orlando Stadium koweligi.
Ngaphambi kwalo mdlalo eZimnyama bezivithizwe yiZamalek ngo 4-1 emdlalweni weCaf Confederation Cup obuseStade Petro Sport, e-Egypt, ngoSepthemba 13 kanti ngo-Agasti 26 leli qembu lithelwe othulini yiBloemfontein Celtic ngo 1-0 eFree State Stadium. IPirates sekuphele inyanga yagcina ukuwina. Igcine ukuwina ishaya i-AC Leopards yaseCongo Brazzaville ngo-Agasti 22.
IPirates yenze inqwaba yezinguquko eqenjini elidlale ngokulingana ne-Aces. URoger Majafa uthathe indawo kaThandani Ntshumayelo, uSifiso Myeni wangena esikhaleni sikaThabo Rakhale kwathi uManyisa wakhipha uMenzi Masuku njengoba uKermit Erasmus ethathe ekaLehlohonolo Majoro.
UTinkler uphinde waqala ngoFelipe Ovono (olamulele iPirates sekuyophela umdlalo) emapalini. Kulo mdlalo iPirates ibuze kuqala kuPolokwane ngomzuzu ka-17 ngesikhathi uManyisa epotshozela u-Erasmus phasi ayithathe ngobunyoninco eqeda ngonozinti uGeorge Chigova kodwa wakhahlela into ephume eceleni kwazise ubeseseduze kwalayini wokuphuma kwebhola ebhokisini.
Kuyiwe ekhefenini kungu 0-0. Ngesesibili womabili amaqembu ahlulekile ukushaya amagoli.