LIZOVELA namhlanje enkantolo yaseThekwini iphoyisa (22) ecaleni lokubulala owokufika kuleli okusolwa ukuthi belifuna kuye izidakamizwa ngenkani.
Isidumbu sikaMnuz Ebukka Okolie (29) odabuka eNigeria, sitholwe endlini yakhe ngakuMoore Road, eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni.
Iphoyisa, igama lalo engeke lidalulwe kuze kube livela enkantolo, lisebenza esiteshini saseMpumalanga, ngaseHammarsdale kodwa belijutshwe ukuba lisebenze ePinetown. Liboshwe egaraji elisenxanxatheleni yezitolo ePavilion ngoLwesihlanu ntambama.
Iphoyisa liboshwe nomzala walo (19) okuthiwa ubekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu.
Iphoyisa kuthiwa lineminyaka emibili liqashiwe.
Iphoyisa nomshana walo babekwe amacala amabili okubamba inkunzi nelilodwa lokubulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi baboshiwe.
“Kunephoyisa elisebenza esiteshini saseMpumalanga eliboshwe nomunye umsolwa ngecala lokubulala nelokuntshontsha. Bazovela enkantolo kusasa (namhlanje). Uphenyo luyaqhubeka.,” kusho uColonel Mbhele.
Ngokusho kukaColonel Mbele, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) nayo iyaphenya futhi iyona ebophe iphoyisa.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi iphoyisa lifike emzini kamufi lizothenga izidakamizwa.
Kuthiwa iphoyisa libuye kabili umufi wazitshela ukuthi uzothenga futhi. Iphoyisa kuthiwa lizame ukuthola izidakamizwa ngenkani, wabopha umufi ngozankosi wamphuca amaselula, imali nokunye.
Umsolwa nomzala wakhe kuthiwa badubule umufi bambulula.
Sebephuma endlini kuthiwa bahlangane neyengandoda nalo lizozithengela izidakamizwa. Kuthiwa nalo baliphuce imali abeyiphethe bashaya bachitha.
Ngokuthola kweSolezwe iphoyisa belizihambela ngemoto yalo ngesikhathi kuhlaselwa umufi. NgoLwesihlanu bekumele aye emsebenzini kodwa wabika ukuthi uyagula kodwa waboshwa engcebeleka ngemoto
yakhe.
Umfowabo kamufi, uMnuz Ekene Umunna uthe bazobe besenkantolo kusasa (namhlanje) ngoba bafuna ubulungiswa. Uthe akanalo ulwazi ukuthi kungani umfowabo ebulewe. Elandisa Isolezwe uthe ngelanga lokubulawa komfowabo waboshwa ngozankosi, wadutshulwa ngezansi kwehlo inhlamvu yaphuma esiphundu. Uthe imali namaselula komfowabo kwathathwa ngabasolwa.