INYANGA yaseThekwini ehlale ivunule iyikazela ngemali, u-Andile “Mzimbokhalimali” Dlamini, isolwa ngokuqola umculi kamaskandi oyivukane u-R13 000 ayethembise ukumkhokhela wona ngokunandisa emcimbini wakhe obunyakenye.
Leli vukane elinguJeqomkhulu waseNgonyameni, eThekwini libhikle ingoma kwaze kwaba buhlungu izinyawo emcimbini iThuthuka Maskandi Promotion, obuseCurries Fountain ngoNovemba 25 nyakenye, ngethemba lokuthi lizokhokhelwa kanti libanjiswa amaqubu entenesha.
Kwenzeka lokhu nje uMzimbokhalimali usanda kuxoshwa kubo kaMjik’jelwa ethi uyonikela ngenkomo njengoba bekushone lo mculi obengcwatshwa ngeledlule.
Imenenja kaJeqomkhulu, uShusha Mkhize, ithe umculi wakhe ungomunye wabaculi abasafufusa abangu-10 abebethole ithuba lokunandisa kulo mcimbi ngoba bevotelwe kakhulu.
UJeqomkhulu noShusha Mkhize
“UJeqomkhulu ulale isihlanu kubaculi abangu-10 abasafufusa ababenandisa kulo mcimbi. Amavukane abengena ngokuba namavoti amaningi kulo mcimbi.
“Kusuka endaweni yokuqala kuya kweka-10 , bekunemali ebesithenjiswe ukuthi izokhokhelwa ongene kulolu hlu.
“Ngokulala isihlanu kukaJeqomkhulu ubezokhokhelwa u-R3 000 bese kuba uR10 000 wokunandisa obukhokhelwa wonke amavukane abengene ohlwini lwabangu-10,” kusho uShusha.
Uthe kuze kube yimanje abakaze bathole ngisho isenti. Ngesikhathi kusanda kuphela umcimbi uthe bebexhumana noMtomuhle Mcambi obesebenzisana noMzimbokhalimali, ebathembisa ukuthi bazoyithola.
“UMtomuhle ugcine esesitshela ukuthi abasazwani noMzimbokhalimali ucela sixhumane naye ngqo (uMzimbokhalimali). UMzimbokhalimali uqale wasitshela ukuthi usalinde abe-network abanesivumelwano nayo ukuthi bazomkhokhela. Ugcine esesitshela ukuthi imali ayikho ngenxa yezindleko zomcimbi ezibe nkulu,” kuqhuba uShusha.
UShusha okubacasula kakhulu wukuthi uMzimbokhalimali usevele wababhlokha ezingcingweni zakhe, futhi ubengasabaphenduli noma bemthumelela imiyalezo.
UMtomuhle uthe akazi lutho ngabaculi abangakhokhelwe futhi akasasebenzisani nale nyanga.
“Ngazi ukuthi bangu-30 abaculi obekumele bakhokhelwe kodwa manje angazi noma sebekhokhelwe yini. Sihlukane noMzimbokhalimali kusanda kudlula umcimbi nyakenye ngenxa yokungaboni ngaso linye.
“Ngicela ubuze yena ngenkokhelo yabaculi ngoba konke kusele kuyena,” kusho uMtomuhle.
UMzimbokhalimali uthe ube nenkinga yokuthi abaxhasi bomcimbi bavele bahoxa ngomzuzu wokugcina.
“ Imali yabaculi ibizophuma kubaxhasi bomcimbi. Kunemali engibakhokhele yona abaxhasi njengoba bengasanginikanga mali bona. Ngizobabopha. Abaculi ngibakhokhele o-R5000 ngamunye futhi akekho engingamnikanga,” kusho uMzimbokhalimali.
UShusha uthe unamanga abatholanga mali.