KUZOPHELA ukuqagela ngokuthi ubani ozodlala indawo kaHlomu njengoba kulindeleke ukuthi igama lakhe limenyezelwe ngoLwesibili.
Isolezwe lithole ngothombo walo ongashayi eceleni ukuthi intokazi ehlabane ngokudlala le ndawo ephambili phakathi kwezintokazi eziningi ezazigaqele ukudlala indawo kaHlomu kuchungechunge lwemidlalo esuselwa encwadini kaDudu Busani-Dube iHlomu The Wife idabuka eMnambithi.
Le ntokazi kuthiwa iyona eyahamba phambili kwinhlolokhono ngoJuni futhi iqalile ukuqopha ngenyanga edlule.
Umthombo uthe yize le ntokazi ike yabonakala kancane kwithelevishini, kodwa yayingadlali indawo egqamile. NgoLwesine kumenyezelwe abalingisi bakuleli abazobonakala emdlalweni iHlomu the Wife ezoqala kwiShowmax, ngoNovemba 11.
Iqembu lokuqala labalingisi besilisa limenyezelwe nokukhona kulona uBonko Khoza ozodlala indawo kaMqhele, Kwenzo Ngcobo ozodlala indawo kaQhawe, Abdul Khoza, ozodlala indawo kaNqoba, Mondli Makhoba ozodlala indawo kaNkosana, uNkululeko Shange, Ishmauel Songo, Swelihle Luthuli, noSipho Ndlovu.
AbakwaShowmax baveze ukuthi sebekulindele ngabomvu ukuqala kwalo mdlalo, ukuze abantu babone ukuthi uphetheni.
Abalandeli ezinkundleni zokuxhumana bathe sebehluleka nawukulinda, bancoma nohlu lwabalingisi abakhethiwe.
Ezinyangeni ezidlule iShowmax, yaveza ukuthi izoqala ukukhombisa i-telenovela yokuqala iThe Wife, esuselwe ezincwadini iHlomu series, ezibhalwe nguDudu Busani-Dube