LUNGILE MAJOKA
BABHEKENE nomqansa abaqeqeshi bangaphandle abapheka amaqembu esizwe akuleli njengoba behlalelwe yimidlalo emqoka okumele bangene ngayo eNdebeni yoMhlaba nakuma-Olympic okungonyaka ozayo.
U-Elisabeth Migchelsen osanda kuvezwa njengomqeqeshi weqembu lamantombazane lika-Under 20, kumele enze isiqiniseko sokuthi noma kanjani bayiqumba phansi iZambia abazodlala nayo ngempelasonto emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba esePapua New Guinea ngonyaka ozayo.
Ngemuva kokuthi la maqembu ebambane ngo 0-0 ekuhambeni emasontweni amabili edlule, iBasetsana sekumele yenze umsebenzi ekhaya ngoMgqibelo eMakhulong Stadium, eTembisa ngo-3 ntambama.
Elakuleli uma lidlula lapha lizobe selingena emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga lapho lingase lihlangane nozophumelela kuDR Congo neNigeria.
Akuyena yedwa uMigchelsen ozobhekwa ngabomvu ukuthi uyawufeza yini umsebenzi alandelwe wona eNetherlands. Nomkhaya wakhe uVera Pauw opheka iBanyana Banyana unenselelo enzima. Yena nabadlali bakhe kumele benze okungajwayelekile okuwukuhlulela ekhaya i-Equatorial Guinea abazodlala nayo ngo-Okthoba 18 e-Estadio de Bata ngo-5 ntambama, emlenzeni wesibili wokuhlungela ama-Olympic aseRio de Janeiro, eBrazil ngonyaka ozayo. Ozonqoba lapha nguyena ozomela i-Afrika kule midlalo.
UPauw, ofike nyakenye kuleli ethwelwe ngeqoma kuphakanyiswa ukuthi unolwazi lokudlala eNdebeni yoMhlaba, usehlulekile wukuyisa iBanyana eNdebeni yoMhlaba edlalwe ngoJuni eCanada. Iqembu liphinde lashaya into ephansi lidlala ngokulingana neCameroon neGhana kuma-All Africa Games lapho lahluleka wukushaya amagoli, lagcina ngokuphuma kulo mqhudelwano obuseCongo Brazzaville ngo-Agasti.
Lokhu kuhluleka wukushaya amagoli yikhona uPauw akhale ngakho bedlala ngokulingana kuba ngu 0-0 ne-Equatorial Guinea emlenzeni wokuqala ngempelasonto. Izolo iBanyana iqale ikhempu ilungiselela umdlalo ozayo.
Enkulumeni ayenze nabeSafa, uPauw, uzwakalise ukulethemba iqembu lakhe ngokuthi lizokwazi ukushaya amagoli ekuhambeni.
“Uma singawasebenzisi amathuba ngeke siphumelele. Leli yithuba lethu. Wonke umuntu wabona ukuthi sadlala kangcono kunabo. Babethukile, bengazi ukuthi kumele bamelane kanjani nathi. Ukulahla amathuba yinkinga elokhu iqhubeke njalo okufanele siyilungise. Asikwazi ukuqhubeka nokuyeka amathuba angaka. Ngiyazi sizowakha amathuba ekuhambeni futhi sizowashaya amagoli. Sidinga nokuthi siqine emuva. Uma singangenelwa yigoli sizobe sesiwelile,” kusho uPauw.
Khona manjalo, iqembu labafana lika-Under 17 lishaywe ngo 3-0 yiBrazil emdlalweni wobungani ngeSonto. Namuhla lizodlala neChile ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba ngo-Okthoba 19 lapho liqhathwe neRussia, Costa Rica neKorea DPR kuGroup E.