UMNDENI wowesifazane waseMayville, eThekwini, obulawe eGoli ngempelasonto, awazi ukuthi uzosibuyisa ngani isidumbu
sakhe.
UNksz Bongeka Phungula (28) isidumbu sakhe sitholwe esigangeni nesomngani wakhe uNksz Popi Qwabe (24) emuva kokuduka ngoLwesihlanu.
Ugogo kaNksz Phungula, uNkk Delisile Phungula, izolo utshele Isolezwe ukuthi banengqinamba ngokubuyisa isidumbu sikamufi ekhaya nokumfihla.
“Sidinga usizo ukuze sisuse isidumbu eGoli sisilethe ekhaya oZwathini lapho kuzongcwatshwa khona. Ubenawo umasingcwabisane kodwa wahluleka ukuwukhokhela esephelelwe wumsebenzi. Isimo esinjengalesi siqhamuke singasilindele,” kusho uNkk Phungula.
Uthe akakatholi yonke imininingwane ngokuthi indodakazi nomngani wayo babeyephi ngesikhathi behlaselwa.
“Kusenzima ngoba sisazama ukubhekana nalesi simo. Asikazitholi izimpendulo ngokwenzekile,” kusho uNkk Phungula.
Uthe bafisa ukufihla ngempelasonto.
Kwenzeka lokhu nje amaphoyisa aseGoli asejube ithimba lamaphoyisa, okungabaphenyi abangu-16, abazophenya ngezehlakalo ezine lapho abesifazane abahlukene betholwe belahlwe esigangeni bebulewe.
Isehlakalo sokubulawa kukaNksz Qwabe noNksz Phungula sikwezizophenywa yileli thimba.
Izolo umndeni wakwaQwabe ubungakatholakali ukuze uphawule ngokubulawa kwendodakazi yawo.